Ukulalela kanye nokulungisa isimo kusengakwazi ukubuyisa ithemba kubahlali baseNingizimu Afrika

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuluma futhi bayakhala ngenxa yokungatholi izidingo zabo okuyonanto edale ukuthi iqembu leAfrican National Congress (ANC) lilahlekelwe amavoti okhethweni luka 2024, nokuphethe ngokuthi lilahlekelwe amandla okubusa ngalodwana, kwaze kwadingeka ukuthi linxenxe amanye amaqembu ukuthi kwakhiwe uhulumeni wobumbano (GNU).

Kulempelasonto esiphuma kuyona iqembu leANC belibambe umhlangano wesigungu esiphezulu kuzwelonke (NEC), lapho belibhekisisa khona imbangela yokulahlekelwa kwalo ukwethenjwa abahlali bakuleli. Kulomhlangano liveze ukuthi imbangela yokulahlekelwa abavoti kudalwe inkinga yokucishwa kukagesi, izinkinga zamanzi kanye nendaba yobuzwe  (tribalism).

Yebo kuyiqiniso elimsulwa ukuthi ukugqoza noma ukungalethwa kwasanhlobo kwezidingo zomphakathi ezifana nawo amanzi kanye nogesi ezingxenyeni eziningi zezwe kungenye yezimbangela ezinkulu zokulahlekelwa kokuthenjwa eqenjini le-ANC.

Emva kokhetho into esiyibonayo kuseyiyo kanye lena ebesiyibona futhi siyizwa ngaphambili, abantu basakhala ngezinkinga ezifanayo, kodwa iqembu leANC lisalokhu lifuna ukuqagela mayelana ngezimbangela esikhundleni sokuthi lenze umnyakazo lilungise isimo ukuze kubuye ukwethenjwa kwalo kubantu.

Noma iqembu le-ANC lingahlala phansi libambe izimbizo kodwa angeke kulisize uma lingasukumi lilungise isimo ngoba phela uMengameli walo kunguye futhi owengamele lohulumeni wobumbano (GNU).

Abezindaba benza umsebenzi omuhle kakhulu wokuhambela izindawo lapho umphakathi usuke uveza khona izimvo zawo, kodwa uma iqembu leANC okuyilo elihola leGNU lingathathi izinyathelo lihlangane namaqembu ezepolitiki elibambisene nawo ukuze lidwebe umkhombandlela walezinkinga ezingaka ezikhungethe abantu , kosho ukuthi akukho lapho lelizwe liyakhona.

Sengiphetha, ubuholi obuphezulu kulo hulumeni we GNU kumele usukume ulungise isimo njengezethimbiso ezenziwa iwona kanye amaqembu ezepolitiki ngesikhathi ekhankasela ukhetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *