Uhulumeni waKwaZulu-Natali uzibophezele ezinhlelweni zokuthuthukisa intsha

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni waKwaZulu-Natali uzibophezele ezinhlelweni zokuthuthukisa intsha. Lokhu kushiwo uNdunankulu uMhlonishwa Thami Ntuli ngesikhathi kade kusingethwe iYouth in Business Summit ethathe izinsuku ezimbili eThekwini.

UMasipala weTheku uzwakalise ukwamukela ukuzibophezela kukaNdunankulu waKwaZulu-Natali  ngokubhekela izinhlelo zokuthuthukisa intsha, uNtuli ubehola ithimba lesigungu esiphezulu kuhulumeni  ngesikhathi ememezela ukuthi izinhlelo zokuthuthukisa intsha izona ezizobekwa phambili kuleminyaka eyisihlanu ezayo,

Isiqubulo salenkomfa besithi”Young people taking charge in leading economic development”, okusho ukuthi intsha iyona ezobamba iqhaqa ekuthuthukisweni komnotho. Intsha iphinde yathola ithuba lokubamba izingxoxo nohulumeni. 

Kulenkomfa kukhuthazwe intsha ukuthi ibambe iqhaza ekuzithuthikiseni kwezomnotho okuhlanganisa umkhakha wezamabhizinisi, kusosonke isifundazwe.

UNdunankulu  uthe Isigungu esiphezulu kanye nohulumeni wesifundazwe bahlonze izinhlelo zokuthuthikisa intsha engasebenzi kanye nentsha esemkhakheni wezamabhizinisi. Kanti njengenxenye yemizamo kahulumeni yokulwa nesihlava sokungabikho kwamathuba emsebenzi ngaphansi kwehhovisi likaNdunankulu kuzosungulwa isikhwama esihlanganisa iPremiers’ Youth Empowerment Fund esikhushulelwe saba uR100 million sissuka ku R60 million.

Kulesikhwama kuhloswe ukusiza intsha yesifundazwe ukuthi ikwazi ukuthola amathuba okuxhumana nabaholi abaphezulu emkhakheni wezamabhizinisi ukuze bakwazi ukuthekela  izeluleko kanye nemibono yabo kuyo intsha, nayo iphinde ibeke imibono yayo mayelana nendlela efisa ukuthi kuqhutshwe  ngayo izinhlelo zayo.

Iphini leMeya ukhansela Zandile Myeni uncome kakhulu imizamo kaNdunankulu,  “ Uma sinikeza intsha amathuba okungena kwezamabhizinisi, siyobe siqinisa umnotho.” Kusho uMyeni.– SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *