IMeyayeTheku yamukele umbiko  wezamabhizinisi eThekwini

SHEILA MHLONGO

IMeya kuMasipala weTheku, ukhansela Cyril Xaba, yamukele umbiko weDurban Business Confidence wekota yesibili okhombisa ukuthi ukwethenjwa kosomabhizinisi kuleli dolobha sekuthuthukile.

Lo mbiko uhlanganiswe yi-University of KwaZulu-Natal School of Accounting, Economics and Finance, iDurban Chamber of Commerce and Industry kanye noMasipala weTheku. Okwenza lo mbiko ubaluleke nakakhulu eThekwini ukuthi izinga lokuthenjwa kwebhizinisi linyuke lisuka kumaphesenti angu-38.42 ngekota yokuqala laya kumaphesenti angu-55.49 ngekota yesibili.

Ngokombiko, ukwenyuka kokuthenjwa kwebhizinisi emikhakheni eyahlukene efana neyokukhiqiza, yokwakha kanye nezinsiza zomphakathi  okuhlanganisa ukwenziwa ngcono kokuphakelwa kukagesi. IMeya uXaba iwamukele lo mbiko njengoba ukhombisa ukuthi idolobha lisezingeni eliphezulu kwezomnotho futhi uzibophezele ukuthi idolobha lizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze kwakheke indawo ekahle ukuze amabhizinisi athuthuke.

“Kungenxa yemizamo yokubambisana yabo bonke esibambisene nabo emphakathini ukuthi sikwazile ukufeza lokhu. Ngakho-ke, sifuna ukubonga zonke izinhlaka esisebenzisana nazo okubalwa osomabhizinisi, uhulumeni, abasebenzi  kanye nezinhlangano zomphakathi ngokuqinisekisa ukuthi iTheku lihlala liyindawo ehamba phambili yokutshalwa kwezimali,” kusho iMeya uXaba.    

IMeya iveze ukuthi lo mbiko ugqamisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi njengenye yezinselelo okumele idolobha lizibhekisise ngokugcwele.  “Sesiqalile ukuxoxisana nabaphathi abaphezulu bakamasipala, amalungu omphakathi kanye nezinhlaka ezahlukene ukuze kutholakale izixazululo  zezinkinga ezimayelana nokulethwa kwezidingo, ikakhulukazi  ezimayelana namanzi  kanye  nokuthuthwa kwendle,” kusho iMeya uXaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *