Sekuvuliwe ukufakwa kwezicelo zemali yoxhaso yosomabhizinisi abasebasha KwaZulu-Ntali

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli. Isithombe: Sithunyelwe

OWAMI THABETHE

Amabhizinisi aholwa yintsha ajabulile ngemuva kokuthi uNdunankulu wa KwaZulu-Natal, uMnu. Thamsanqa Ntuli, elandele isithembiso sakhe sokudala isikhwama esidingeka kakhulu sokuthuthukisa intsha sika-R100 million.

Ngesikhathi ethula isabelomali sakhe eHhovisi likaNdunankulu ngomhlaka 13 Agasti 2024, uNtuli umemezele ukuthi izicelo zalesi sikhwama zizovulwa ngoLwesine mhla zingu 15 ku Agasti. Lokhu kuyindlela yokusiza amabhizinisi aholwa yintsha adinga kakhulu usizo lwemali ukusiza amabhizinisi ukuthi aqhubeke nokusebenza.

UNtuli owaba nguNdunankulu ngoJuni ,wafunga wagomela ngoJulayi ukuthi uzosisungula lesi sikhwama ngesikhathi kuneYouth In Business Summit eDurban Exhibition Centre ngoJulayi.

“Ngalokhu, mhla ziyi-15 ku Agasti 2024, sizovula iwindi elisha lokuthola iSikhwama Sokuthuthukisa Intsha sika-R100 million. Abantu abasha abangabanikazi bamabhizinisi nabafisa ukusungula amabhizinisi abo bangafaka izicelo zoxhaso,” kusho uNtuli ethula ivoti lakhe lesabelomali.

Uthe imininingwane izovezwa kuzo zonke izinkundla zikahulumeni nakwabezindaba ngokuthi izicelo kumele zenziwe kanjani.

USibonelo Mkhize waseHammarsdale, entshonalanga yeTheku, utshele abezindaba ukuthi ujabule kakhulu futhi umincile ukuthi isicelo sakhe ebesisazosifaka siyaphasiswa uma kuvulwa izicelo.

“Ngihambele ingqungquthela yentsha ngo Julayi, bengingakholwa ukuthi ukuqaliswa kwalesi sikhwama kuzoba maduze nje. Ngijabule futhi ngiyathemba ukuthi isicelo sami sizovunyelwa uma izicelo zivulwa . Ngilungisa amaphepha ami sikhuluma nje,” kusho uMkhize onebhizinisi lokufaka amathayi endaweni yangakubo. Uphinde wancoma izinhlelo ezifuze lezi ezithuthukisa osomabhizinisi abasebancane ukuze nabo bakwazi ukubhekana nezinga elikhulayo labantu abasha abangasebenzi.

UNdunankulu uphethe inkulumo yakhe  wathi ngo-Agasti 30, 2024, uhulumeni wesifundazwe uzokwethula iKwaZulu-Natal Women’s Advancement Fund ngokubambisana nezinkampani ezizimele.

Inhloso enkulu yalesi sikhwama kuzoba ukugqugquzela ukulingana ngokobulili nokuhlinzeka ngoxhaso oluqinile lokubamba iqhaza kwabesifazane kwezomnotho nobuholi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *