UMalema uphika eyokufuna isikhundla sokuba iPhini likaMengameli wezwe

Umkhuzi oMkhulu we-EFF uJulius Malema ubethula inkulumo yakhe eGauteng EFF Provincial Ground Forces Forum e-Orlando Community Hall eSoweto. Isithombe: Itumeleng English/ Independent Newspapers

OWAMI THABETHE

Umholi we-EFF uJulius Malema useyigxekile imibiko yakamuva ethi ukungaboni ngaso linye kwakhe nowayeyiPhini likaMengameli uFloyd Shivambu kungenxa yemihlangano yakhe eyimfihlo noMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa mayelana nesikhundla sePhini likaMengameli wezwe.

Imibiko yangempelasonto edlule iveze ukuthi ukwesula kukaShivambu eqenjini nokulandela kwakhe ku-MK Party kwaba nomthelela kule mihlangano.

Ethula inkulumo yakhe esithangamini samasosha e-Orlando Community Hall, eSoweto,ngomhlaka 20 Agasti, uMalema  uthe wenqabile ukujoyina i-Government of National Unity (GNU) ngendlela okuyo njengamanje futhi waphumela obala ngayo ngisho nakubaholi beqembu ababefuna ajoyine i-ANC ehambisana neDA neFreedom Front Plus.

“Ngaba ngowokuqala owathi sidinga ukujoyina i-GNU futhi ngamemezela esidlangalaleni. Engangikusho (kwakungukuthi) ngangingeke ngijoyine i-GNU ne-DA kanye ne-FF Plus.

“Ngama mpunge wodwa ukuthi mina ngahamba ngemuva ngayokhuluma noRamaphosa.  Asikaze sifinyelele kulelo zinga ukuze sixoxe ngezikhundla sinoMengameli. Ngikusho lokho esidlangalaleni  ukuzosho ukuthi angikaze ngicele isikhundla kuRamaphosa.

“Ngathi kuCyril asikwazi ukungena ebudlelwaneni neDA neFF Plus. Yilokho engikutshele uRamaphosa engxoxweni okumele abe nayo uVeronica Mente, uFloyd (Shivambu) athole isikhundla sephini likaSomlomo wasithola,” usho kanje.

Odabeni lukaShivambu, uMalema uthe nguyena obemgqugquzela ukuthi abe nguNgqongqoshe wezeziMali zisuka nje. Ubalule ukuthi labo abamsolayo manje kufanele bakunake lokhu kusekelwa, njengoba ezimisele ukweseka uShivambu kuzo zonke izingxoxo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *