UNdunankulu waKwaZulu-Natali ugcizelela ukubaluleka kokubambisana  ekunqobeni   izinkinga zamazwe

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emhlanganweni we G20

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli, usezwakalise ukuzibophezela kwesifundazwe ekuthuthukiseni ukukhula komnotho okuhlanganisayo, okufinyelelekayo, futhi okuqhubekayo ngendlela esimeme.

Ethula inkulumo yakhe  emhlanganweni wokuVulwa kweG20 yesibili Yethimba Eliqondene Nezindaba Zokuqashwa (Employment Working Group – EWG), uNtuli ugcizelele ukubaluleka kokubambisana ukuze kuqedwe izinselelo ezinzima zomhlaba wonke, njengokungalingani ngokobulili ezindaweni zokusebenza nokwehluka okukhulayo kwemiholo yabasebenzi.

Lo mhlangano, obusingethwe kusukela ngomhlaka-8 kuya ku-11 Ephreli 2025, ugxile ukwenza ngcono ukulingana ngokobulili emsebenzini nasekuvaleni igebe elikhulayo lemihlomulo noma imiholo, kuhambisana nesiqubulo (theme)  seNhlangano Yomhlaba wonke yeG20 kaHulumeni waseNingizimu Afrika ethi: “Ubumbano, Ukulingana, Ukusimama.”

“Leli pulatifomu lisinika ithuba lokucabangisisa ngokubambisana kanye nokuthuthukisa inqubomgomo ephusile  yezimakethe zomsebenzi ezibhekana ngqo nesimo esibhekene nabesifazane, intsha, kanye nabasebenzi abasengozini, emazweni athuthukile nasathuthuka,” kusho uNtuli.

UNdunankulu ugcizelele ukuthi ushintsho lwangempela ludinga ubumbano lomhlaba wonke kanye nokusebenzisana, weleka ngokuthi  ukwenza inqubomgomo ngokubambisana kubalulekile ukuze kube nemakethe yomsebenzi yomhlaba wonke enobulungiswa.

Uphinde waveza ukuthi iKwaZulu-Natal isebenzisa inqubomgomo yezomnotho ebeka abantu kanye nemvelo phambili, okuhambisanayo nomgomo  wezomhlaba wokushintsha ngendlela enobulungiswa futhi ehlanganisayo.

Uchaze ngemizamo yesifundazwe ebheke ekwehliseni izinga lokusweleka kwamathuba emsebenzi, ukwandisa ukubamba iqhaza kwabantu besifazane kwezomnotho, nasekuqinisekiseni ukukhula okusimeme nokuhlanganisayo.

“Njengesifundazwe, sizibophezele ekwakheni ikusasa elinesizotha, ubulungiswa, kanye namathuba alinganayo . Ukugxila kwe-EWG ekulinganeni ngokobulili  nokulingana kwemiholo,” kusho yena.

Lo mhlangano we-EWG uhlanganisa izikhulu eziphezulu  kwezobuchwepheshe abavela emazweni angamalungu e-G20 ukuze kwakhiwe izindlela zenqubomgomo, ngaphambi koMhlangano Wabaholi Bezabasebenzi Nezabaqashi we-G20 ohlelelwe ukubanjwa ezinyangeni ezizayo kulonyaka.

Izindaba ezibalulekile ezixoxwayo zifaka phakathi: ukuthuthukiswa kwezinhlelo zokuvikelwa komphakathi, ukwehliswa kwegebe lobulili nemiholo, nokuqinisekisa ukufinyelela okufanayo emsebenzini ofanele kubo bonke.

I-G20, ehlanganisa amazwe angu-19 anomnotho omkhulu emhlabeni kanye ne-African Union ne-European Union, imele cishe:
• 85% we-GDP yomhlaba wonke,
• Ngaphezu kuka-75% wokuhweba kwamazwe ngamazwe,
• Kanye nezingxenye ezimbili kwezintathu zabantu bomhlaba wonke.

Lo mhlangano ububanjelwe e-Arch Convention Centre, e-Umhlanga, enyakatho neTheku. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *