SHEILA MHLONGO
Nakuba izibalo zezingozi zomgwaqo zesikhathi samaholidi ePhasika zingakakhishwa ngokusemthethweni, uNgoqongqoshe wezokuThutha kuzwe lonke uBarbara Creecy uthe kunezinkomba zokuthi kunokwehla okukhulu kwesibalo sezingozi zomgwaqo kuzozonke izifundazwe zakuleli ngaphandle kwesaseMpumalanga.
Ethula umbiko mayelana nomkhankaso wezokuphepha emgaqweni obizwa nge ‘ArriveAlive’, uNgqongqoshe uCreecy,uthe kuyacaca ukuthi abantu bakwazile ukuhlonipha umkhankaso wokuphephepha emgwaqeni.
“Kusukela ngomhlaka 20 Mashi savimba izimoto ezibalelwa ku 782,000 sakhipha izinhlawulo ezingu 116,000. Kwaboshwa abashayeli bezimoto ababalelwa ku 3,500 ngamacala ehlukene kanye nabahamba ngezinyawo ababalelwa ku 89 ababoshelwa ukuhamba kothelawayeka emgwaqeni.
“Kwavinjwa izimoto ezibalelwa ku-2,200 ukuthi zingaqhubeki nohambo ezatholakala zingekho esimeni sokuhamba emgaqweni.” Kusho uNgqongqoshe, weleka ngelokuthi uhulumeni angeke avumele abantu ukuthi badavuze ngezinyawo kothelawayeka njengoba lokhu kudala ubungozi ezimpilweni zabo kanye nakubashayeli bezimoto.
UNgqongqoshe uCreecy uphinde wancoma kakhulu umsebenzi wamaphoyisa omgwaqo ngokuzimisela kwawo.
“ Sifisa ukubonga umsebenzi omuhle owamaphoyisa ngalempumelelo. Sinesiqiniseko sokuthi umsebenzi wethu uphephisa izimpilo zabantu emigwaqeni yethu.Ngenyanga edlule uhulumeni wethule umkhankaso wesikhathi samaholidi ePhasika ‘iRoad Safety Arrive Alive’ kusukela ngomhlaka-20 Mashi kwaze kwaba umhlaka-2 Meyi 2025, ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘It begins with Me’ kuqala ngami.
Khona manjalo abe Road Traffic Management Corporation (RTMC) baveze ukuthi kwaboshwa abashayeli bezimoto abathathu base Limpompo ngokuzama ukugwazela amaphoyisa omgwaqo.
Abe RTMC bancome kakhulu amaphoyisa ngokuzibonakalisa ukuthi abadayisi nokuthi ezokuphepha emgwaqeni akuncengwangazo. Amaphoyisa omgwaqo aqinisa kakhulu umkhankaso wokuqapha abashayela bephuze utshwala kakhulukazi ngezimpelasonto ngoba sekubonakele ukuthi isona sikhathi abamandla kuso. SANews.gov.za.

