SHEILA MHLONGO
Njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi kuqale iComrades Marathon ka-98 uMasipala weTheku umatasa ulungiselela omunye wemidlalo emikhulu ekhalendeni laseNingizimu Afrika. Okuhlelelwe ukuba ngeSonto, mhla -8 Juni 2025, lomdlalo osuka eMgungundlovu ubheke eThekwini kulindeleke ukuthi uhehe amashumi ezinkulungwane zabagijimi, izethameli kanye nezivakashi kuleli dolobha.
Njengoba abagijimi belungiselela “Umjaho Wokugcina Wabantu,” umasipala usebenza ngokuzikhandla ukuze uqinisekise indawo ehlanzekile, ephephile futhi elungele wonke umzila womjaho. Idolobhakazi lenze uhlelo lokusebenza oluphelele ukuze kuqinisekiswe isimo esingenabala nesamukelayo se-ultra-marathon. Lolu hlelo luyingxenye yohlelo olubanzi lokuhlobisa idolobha kanye nohlelo lokulungela oludidiyelwe eminyangweni eminingi ukuze kuqinisekiswe ukuthi iTheku liseqophelweni eliphezulu kubagijimi.
Uphiko lwe Cleansing and Solid Waste luzohlanza umngcele weTheku ukusuka eCato Ridge kuya eMoses Mabhida Stadium People’s Park luqinisekisa ukuthi yonke imfucuza iyaqoqwa, futhi umzila awubi nemfucuza ngemuva komjaho.
Umasipala ucele abahlali ukuthi bawuseke lomgijimi ngokugcina indawo ezizungezile ihlanzekile, bajabulele abagijimi, bakhombise imfudumalo nempatho eyaziwa ngokuthi iTheku.

