IPyramids iphuce iSundowns iqatha emlonyeni kowanqamu e-CAF Champions League

SBU MAMBA

Bakhihle esikaNandi abadlali nabalandeli beMamelodi Sundowns bekhishwa kabuhlungu iPyramids FC kowanqamu eCAF Champions League , iPyramids inqobe lomdlalo ngo 3-2 (Agregate Score) emlenzeni wesibili obuse Cairo ezweni laseGibhithe , emlenzeni wokuqala ePitoli zashayana zabukana ngegoli elilodwa ngapha negoli elilodwa ngale 1-1,  eCairo umdlalo uphele ngo 2-1 , amagoli ePyramids ashaywe uFiston Mayele noAhmed Samy kanti ele-Sundwons lishaywe u-Iqraam Rayners.

ISundowns iye kulomdlalo izimfivilithi (favorites) ukunqoba lomqhudelwano , iPyramids amavukane kulemidlalo yeChampions League amaqembu avamise kuhamba ibanga elide kulomqhudelwano izinkunzi Esperance FC, Wydad

 Casablanca , Ahly Ahly , Zamalek neSundowns , iPyramids iwine okokuqala lendebe yase-Africa , iSundowns ibinethemba ukuthi bazoyinqoba okwesibili bathole enye futhi inkanyezi yashaya phansi ngonyawo iPyramids yathi lutho eluthela. Kodwa amasandawana ahluleke ezamile umdlalo ibuwuphethe ngesiwombe sokuqala iwatholile amathuba yadlala ngawo , ngokuqeda endaweni yesibili kulomqhudlwano iSundowns ikhale yemuka no R42 million wamarandi kanti ompetha base-Africa ku CAF iPyramids ithole u84 million wamarandi.

Amasandawana azomela elakuleli ku FIFA Club World Cup kanti amanye amakilabhu azomela izwekazi lase-Africa  ku Club World Cup yi Wydad Casablanca yaseMorroco , Ahly Ahly yaseGibhithe nezinsizwa zaseTunisia i-Esperance de Tunis.

Kanti bezibophele kanjena lezinkuzi ezimbili , Pyramids : El Shenawy , Samy , Marie , Chibi , Hamdy , Lashin , Toure , El Karty , Atef , Sobhi noMayele.

Sundowns : Williams , Lebusa , Kekana , Mudau , Modiba , Mokoena , Allende, Adams , Rebiero , Matthews , Rayners.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *