UKZN iqophe umlando ihlinzeka izitshudeni ezingaboni  ngezibuko kusetshenziswa i- AI

Esithombeni kusukela ngemuva: U-Dktl. Roshanthi Subrayen, Siyabonga Shabane, Thandeka Ngcobo, Londiwe Ndaba, Siboniso Mabuza, Bright Sello, Phiwayinkosi Mungwe & ngaphambili kube: Derrick Munyai, Mukhtar Khan, Amith Ramballie. Izithombe zithunyelwe I-UKZN.

SHEILA MHLONGO

INyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) iqophe umlando ngokuba isikhungo   sokuqala eNingizimu Afrika ukunikeza izibuko ze-Envision AI izitshudeni  ezihlanu ezingaboni kahle emehlweni, okungo Mnu Bright Sello, uNksz Thandeka Ngcobo, uNksz Londiwe Ndaba, uMnu Siboniso Mabuza kanye noNksz Thembisa Xolo.

Lolu hlelo luphumelele kakhulu ngenxa yemizamo ye-UKZN Foundation eyaxhumana nenkampani ehlinzeka ngobuchwepheshe bokusiza, i-Sensory Solutions (Pty) Ltd, ukuba inikele ngalezi zibuko ku-Disability Support Unit (DSU) yale Nyuvesi.

Izibuko ze-Envision zisebenzisa ubuchwepheshe bokufakelwa (AI) ukusiza abantu abayizimpumputhe noma abangaboni kahle ukuthi bakwazi ukufunda umbhalo ophrintiwe noma owe-elekthronikhi, bakwazi ukubona ubuso,bakwazi nokubona isimo sendawo abahamba kuyo kanye nesikhathi  konke lokhu kwenzeka ngokulalela umshini ocacisa kahle

Lezibuko zibiza inani elingu -R75 000, futhi zifika nobuchwepheshe be- Software evuselelwayo yokweseka ukusebenza kwalezibuko.

UBright Sello ongumfundi owenza  unyaka wesine ezifundweni ze Bachelor of Science, ubechichima injabulo ngesikhathi ethola ukuthi naye  usezoba  nezibuko ezinobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu zokuthi akwazi ukubona kahle . “Okokuqala empilweni yami, ngizizwa ngijabule kakhulu  njengoba nami ngingeke ngisashiyeka ngemuva,ngizokwazi ukuzenzela izinto ngokwami, ngizifundele ama nothi nama Slides kwi lecture hall, ngizibonele kahle abangani bami, ekugcineni sengizokwazi ukuzimela. Kusho yena.

“I-UKZN iyaziqhenya ngokuhamba phambili ohlelweni lokusebenzisa ubuchwepheshe bokusiza izidingo zabafundi bayo abahlukahlukene,” kusho uMnu Amith Ramballie, oyiNhloko yeDisability Support Unit yeNyuvesi. “Lezi zibuko zibonisa ukuzibophezela kwethu ekuvulelekeni, futhi zikhombisa inkolelo yethu yokuthi wonke umfundi unelungelo lokufunda, ukukhula nokuphumelela ngokuzimela.”

Loluhlelo lwezibuko lusekela izilimi ezingaphezu kuka-60 kanye nokuxhumana okungenazihibe namafoni aphathekayo kwenza le mishini ibe nempumelelo ebanzi emhlabeni wonke.

Ulwazi Olwengeziwe: Ukuze uthole olunye ulwazi noma usize izinhlelo zokweseka abafundi abakhubazekile e-UKZN, noma ukufaka isandla ezobuchwepheshe bokusiza abafundi, sicela uxhumane ne-UKZN Foundation ku: foundation@ukzn.ac.za.

Esithombeni Izitshudeni zase-UKZN uBright Sello beno Londiwe Ndaba  bejabulela izibuko zabo zeSmart AI Glasses.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *