SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ,ukhiphe isitatimende ehalalisela impumelelo ye-Comrades Marathon ka-2025 ebibanjelwe phakathi kweMgungundlovu neTheku, ngeSonto lomhlaka 8 Juni. Lomjaho, ogijinywe izinkulungwane ezivela emazweni ahlukene, ubonise amandla okuhlanganisa abantu ngezokuzijabulisa.
“IkwaZulu-Natali iyaziqhenya ngokusingatha ngempumelelo umjaho we Comrades Marathon 2025.” Kusho uNdunankulu uNtuli.
UNdunankulu ubongela abaphume phambili:
- Indoda: Tete Morena Dijana (SA)
- Owesifazane: Gerda Steyn (SA)
Uphinde wabonga bonke abagijimi bamazwe omhlaba, wathi bayizivakashi ezihlonishwayo e-KZN, futhi ukufika kwabo kuthuthukisa ubudlelwano bamazwe.
UNdunankulu ubonge uMasipala waseMgungundlovu noMasipala weTheku ngokusingatha kahle, waphinde wagcizelela ukuthi umjaho uletha umnotho ezindaweni eziningana, ikakhulukazi kwezokuvakasha.
Ekugcineni, uNdunankulu ubonge zonke izinhlaka ezahlukene ezibambe iqhaza ukwenza lomjaho ube impumelelo okubalwa phakathi kwabo abezokuphepha, abezimo eziphuthumayo, amavolontiya, nemiphakathi — ngokweseka abagijimi. Wathi lo mjaho uyifa elikhulu lesifundazwe, elihlanganisa abantu futhi elingathuthukisa umphakathi wonkana.
Nantu uhlu lwabagijimi abaphume phambili emjahweni weComrades Marathon 2025
| Kwabesilisa 1 Tete Dijana 05:25:27 2 Piet Wiersma 05:25:32 3 Nikolai Volkov 05:29:41 4 Edward Mothibi 05:31:40 5 Joseph Manyedi 05:32:08 6 Alex Milne 05:34:07 7 David Gatebe 05:34:29 8 Bongmusa Mthembu 05:35:47 9 Gordon Lesetedi 05:36:21 10 Vasilii Korytkin 05:38:58 | Kwabesifazane 1 Gerda Steyn 05:51:18 2 Alexandra Morozova 05:55:55 3 Shelmisth Muriuki 06:07:55 4 Irvette Van Zyl 06:11:34 5 Dominika Stelmach 06:12:01 6 Carla Molinaro 06:13:02 7 Jenet Mbhele 06:14:23 8 Caitriona Jennings 06:16:41 9 Courtney Olsen 06:17:47 10 Melissah Gibson 06:19:58 |


