SHEILA MHLONGO
I-African Sinakho Arts ngokubambisana ne-Wine of Colour South Africa ikhombise ikhono labaculi besifazane abathathu abanokukhubazeka okuhlukahlukene mhla zingu -1 Juni 2025 eZimbabwe njengengxenye yokushintshisana ngamasiko kwamazwe.
EBaobab School Grounds eVictoria Falls, eZimbabwe. Umdlalo ubuhlanganisa izinhlobo ezintathu zomculo okuyiJazz, Maskandi kanye nomculo we-Afro Pop abebenandisa uZama Khuzwayo, Thandi Gcwensa noNombulelo Mkhize abayimikhiqizo yohlelo lokuthuthukisa amakhono e-African Sinakho Arts Performing Arts.
UZama Khuzwayo ungumculi we-Jazz onamakhono ehlukahlukene uthanda umculo ongenamingcele. Uneziqu zeBachelor of Arts in Music azithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Uke wacula ku-African Sinakho Arts In Blood Musical Theatre Production kanye neThetha Mosadi Musical Theatre Production. UZama ungumculi ocula yedwa futhi odlala ngokuzimela emicimbini yangasese futhi usebenza njengomqeqeshi wezwi. Uthando lwakhe lomculo luhumusheka ekusebenzeni kwakhe okujabulisayo okushiya izethameli zakhe zikhuthazeke ngempela njengoba zibona ukuthi udlula kanjani kwizinselelo zakhe zomzimba. Lokhu kube ngokokuqala edlala ngaphandle kwabahlali baseNingizimu Afrika.
Thandi Gcwensa uzalwa endaweni yakwa Maphumulo Kwa-Zulu Natal. Ungumqambi ozifundisele yena kanye nomculi kaMaskandi okhangayo. Ithalente lakhe lizuze indawo ehamba phambili kwi-In Blood Musical Theatre Production kaBukelwa Cakata ehambele yonke indawo yeshashalazi enkulu eNingizimu Afrika kanye neThetha Mosadi Musical Theatre Production umculo umvulele iwindi lezwe ayengeke abe nalo njengomuntu ongaboni nhlobo futhi kumnka ithuba lokushintsha imibono yabantu ngokukhubazeka ngokudlala kwakhe okunempilo. Naye bekuwuhlelo lwakhe lokuqala lokuvula ngaphandle kwabadlali baseNingizimu Afrika.
UNombulelo Mkhize uyizwi le-Afro Pop ozinikelayo emculweni wakhe omsize ukuba adlule ezinkingeni zakhe zempilo yengqondo. UNombulelo ukhonjiswe kuyo yonke imidlalo ye -African Sinakho Arts Musical Productions. Usebenza ngokuzimisela njengomculi osekela i-South Africa Singers. Nezwi lakhe elinothile elisagolide elikwenza ukuthi ulilalele ufise nokulokhu uliphinda ulizwa.
African Sinakho Arts njengoba ibinandisa ngomculo eVictoria Falls Wine and Food Festival ibiihambisana nomculo wokuqala kaThandi Gcwensa, uThulani Gabela kanye nezinhlelo zezingoma zomdabu ezaziwayo zikaBukelwa Cakata. Ngeminye imininingwane shayela uNdileka Santi (Producer) ku-073 426 1049 noma uthumele i-email: africansinakhoarts@gmail.com noma bcakata@africansinakhoarts.org.za.

