SHEILA MHLONGO
Emizamweni yokuvimba ukungena kwabokufika kuleli ngokungemthetho, uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThami Ntuli uqhube umkhankaso obizwa ngokuthi ‘Operation Engangeni Ngesango Iyafohla” Lapha uNdunankulu ugasele ezimbonini zezokuthutha (Truck Depots) eduze nase Durban Station eThekwini, lapho kungazelele muntu ngenhloso yokubheka abanikazi bezinkampani eziqasha abakofika kuleli bengenazo izimvume.
UNdunankulu ubehambisana namathimba ehlukene okuhlanganisa amaPhoyisa, kanye naboMnyango wezaseKhaya, lokhu okube isinyathelo asithathe emuva kokuthola izikhalazo ebezivela kubashayeli bamaloli bakuleli bekhala ngokuqashwa kwabantu bangaphandle bengenazo izincwadi bese bebaholela imali encane, lokhu okwenza ukuthi abantu bakuleli basale dengwane bengenayo imisebenzi.
UNdunankulu ube esekhipha isexwayiso esibhekise kubaqashi abenza umkhuba wokuqasha abokufika kulelli bengenazo izimvume wathi bazobhekana nengalo yomthetho. Kulomkhankaso uNdunankulu uNtuli uveze ukuthi kuboshwe abokufika kuleli abangenazo izincwadi ababalelwa ku-135 ngesikhathi amaphoyisa egasele eHammarsdale kanye naseChartsworth.

