UMokoka uhlose ukwephula irekhodi Lomhlaba leMasters ku-10km kowe-Absa RUN YOUR CITY DURBAN

The Moses Mabhida Stadium is an on-route highlight at the Totalsports Women’s Race Durban. PHOTO CREDIT: Craig Mannheim.Seen here: The Moses Mabhida. Stadium is an on-route highlight at the Totalsports Women’s Race Durban. PHOTO CREDIT: Craig MannheimSeen here: The magnificent Table Mountain and Lion’s Head are majestic on-route favourites at the Totalsports Women's Race in Cape Town. PHOTO CREDIT: David Sullivan. South Africa’s largest Women’s Month celebration, the Totalsports Women’s Race, will once again treat thousands of female runners and walkers to scenic 5km and 10km routes in Durban (Sunday, 3 August), Cape Town (Saturday, 9 August – National Women’s Day), and Johannesburg (Sunday, 17 August).

SHEILA MHLONGO

UStephen Mokoka uzimisele ukuqopha  umlando ngokuba ngumuntu oneminyaka engu-40 ohamba ngesivinini esikhulu kunabo bonke ku-10km ngesikhathi ejoyina i-Absa RUN YOUR CITY DURBAN 10K ngoSonto, 13 Julayi 2025.

“Lena yinhloso. Irekhodi le-World Masters 10km laqoshwa uBernard Lagat ngo-2015 eManchester, futhi ngangikhona ngalolo suku. Ngikhumbula ngigijima ngibaleka ngoba bengingafuni ukushaywa ngumuntu oseqalile. Kodwa isikhathi sihamba ngokushesha. Sekuyiminyaka eyishumi manje, futhi sekuyithuba lami,” kusho uMokoka, ekhumbula iGreat Manchester Run lapho ashaya khona irekhodi lakudala laseNingizimu Afrika lika-27:38 waze waba sesicongweni sesibili.

Ukuze aqophe irekhodi likaLagat, uMokoka kuzomele agijime ngaphansi kuka-27:48 – okuyoba yisikhathi sesibili esheshayo emlandweni wakhe weminyaka engu-20 yokugijima. Lo mgijimi oneminyaka engu-40, omele iHollywood Athletics Club, useqiniseka kakhulu ngenxa yokusebenza kwakhe kahle kwi-Absa RUN YOUR CITY CAPE TOWN 10K ngenyanga edlule, lapho aqeda khona endaweni yesithathu nangesikhathi sika-28:06 – okuyisikhathi sesine esheshayo ekuphileni kwakhe.

 “ Ezinsukwini ezizayo, ngizosebenza  kanzima ukuze ngiqine kakhulu,” kusho uMokoka, osejoyine neqembu likaHendrick Ramaala eliqeqesha eZoo Lake, ephusha imizamo yakhe  yokulungiselela i-Absa RUN YOUR CITY DURBAN 10K. “Eminyakeni emibili edlule bengihamba ngo-27:57 noma ngo-27:55, ngakho sekusele imizuzwana embalwa ukuze ngiqophe irekhodi. Kulokhu, kuzofanele ngingene ngijulile. Ngiyethemba iDurban izosinika isimo sezulu esihle njengeCape Town. Ngithemba ukuthi ngingaliphula leli rekhodi, futhi ngiyabonga ku-Absa neStillwater Sports ngale thuba.”

Omunye ozama ukuphinde abe nesikhathi esihle ku-10km ngemuva kweminyaka emibili yezinhlungu nezinye izinkinga zokulimala nguTayla Kavanagh. Lo msubathi oneminyaka engu-24 useqala ukukhombisa ubuhle ayenabo ngesikhathi  enqoba kwi-Absa RUN YOUR CITY DURBAN 10K ngo-2021 ngesikhathi sakhe esingcono kunazo zonke sika-32:10. UKavanagh uqede endaweni yesithupha kwi-Absa RUN YOUR CITY CAPE TOWN 10K ngo-11 Meyi ngesikhathi sika-33:01, futhi uzizwa esekulungele ukuphula umgoqo wemizuzu engu-33 okokuqala ngemuva kweminyaka emibili.

“Ngihlale nginombono omuhle, ngazi ukuthi izingqinamba zivula amathuba okwenza ngcono. Ngibe nesineke kakhulu futhi ngithembile. “Ukusebenza  kangcono kwami eCape Town kwanginika ukuzethemba. Kuyakhuthaza ukugijima isikhathi esihle futhi wazi ukuthi usenamandla amaningi.”Kusho uKavanagh

“Siyajabula kakhulu ukubona uStephen Mokoka elandela umgomo wokuba ngumuntu oneminyaka engu-40 ohamba ngokushesha ku-10km kwi-Absa RUN YOUR CITY DURBAN 10K,” kusho uMichael Meyer, uMqondisi Jikelele weStillwater Sports nonumsunguli wayo. “UStephen uke waseseka kusukela kwaqala i-Absa RUN YOUR CITY SERIES ngo-2015, futhi  kuyosijavulisa ukumbona eqopha irekhodi eDurban.

USUKU LOMCIMBI: Absa RUN YOUR CITY DURBAN 10K

  • Usuku: uSonto, 13 Julayi 2025
  • Isikhathi sokuqala: 08:00
  • Indawo yokuqala: Masabalala Yengwa Avenue (MY)
  • Indawo yokugcina: Durban Beachfront (Golden Mile)

Imali yokungena:

  • Abagijimi abaneLayisense: R255.00
  • Ilayisense yesikhashana: R50.00

Okufakiwe ekungeneni:

UKUSEKELA ICHARITY:
I-Absa RUN YOUR CITY SERIES iyaziqhenya ngokuxhasa iCancer Association of South Africa (CANSA) njengenhlangano esemthethweni yokupha kulo lonke uchungechunge. I-CANSA isize ekulweni nomdlavuza kusukela ngo-1931, inikeza ucwaningo, ifundisa umphakathi, ixhasa bonke abathintekayo, futhi ihlose iNingizimu Afrika engenamdlavuza. Abagijimi banganikela ku-CANSA lapho bebhalisela umjaho ku-inthanethi

IMIKLOMELO:
I-Absa RUN YOUR CITY SERIES inenqwaba yemiklomelo ezofinyelela ku-R1 610 000 ngo-2025. Umcimbi ngamunye uzohlinzeka ngemiklomelo engu-R322 000:

  • R252 000 yeSigaba Esivulekile (R126 000 kubesilisa abayiTop 10, R126 000 kubesifazane abayiTop 10)
  • Abanqobi abaphezulu besilisa nabesifazane bazothola R30 000
  • Abaphume isibili bazothola R25 000
  • Abaphume isithathu bazothola R20 000

Izigaba Zeminyaka:
Imiklomelo engu-R70 000 izonikezwa abaphume phambili ezigabeni zeminyaka:

  • Junior, 40–49, 50–59, 60–69, kanye no-70+

Imiklomelo yabasubathi  baseNingizimu Afrika:
I-Absa RUN YOUR CITY SERIES inohlelo lwemiklomelo yebhonasi olungakaze lube khona ngo-2025:

  • Abesilisa: Ibhonasi iqala ngezikhathi ezingaphansi kuka-28 minutes; uma kugijinywa ngaphansi kuka-27 minutes — R200 000
  • Abesifazane: Ibhonasi iqala ngezikhathi ezingaphansi kuka-32:08; uma kugijinywa ngaphansi kuka-30:23 — R200 000

Irekhodi le-SA:

  • Ibhonasi engu-R50 000 izonikezwa kumsubathi waseNingizimu Afrika oqopha irekhodi le-SA 10km ngesikhathi somjaho (okuthathwa njengesikhathi esisheshayo kunazo zonke).

Izixhumanisi:

  • Website: www.runyourcityseries.com
  • Facebook: @Gqeberha10k / @CapeTown10k / @Durban10k / @Tshwane10k / @Joburg10k
  • Instagram: @Gqeberha10k / @CapeTown10k / @Durban10k / @Tshwane10k / @Joburg10k
  • Hashtag: #RunYourCity #AbsaRunYourCity
  • WhatsApp Line: 072 042 7613.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *