Ufeze iphupho uZakes Bantwini ephothula izifundo e-Harvard Business School

SHEILA MHLONGO

Uzishaye isifuba umculi wakuleli, ‘uZakhele Zakes Bantwini’ Madida ngokufeza iphupho lakhe emuva kokuphothula izifundo zokuphatha ibhizinisi lo mculo nezemidlalo e-Harvard Business School e-US. Emuva kokuphothula lezifundo, lesi sikhungo simuthweswe iziqu ngokusemthethweni.

UZakes odume ngezingoma ezithi: “Clap Your Hands, Imali ne-Osam” uthe ukuphothula lezifundo umvuzo omkhulu kakhulu kuye. Isahluko esikhulu esichaza kabanzi ngendawo amaciko ase-Afrika okumele abe kuyo makunezingxoxo emhlabeni, emahhovisi nasematafuleni lapho okuhlahlwa khona indlela ngekusasa.

Lomculi wakwaMashu uqede lezifundo zakhe emuva kweminyaka emine ephushwa iphupho nentshisekelo abenayo ngebhizinisi lomculo. Nokho uke wathi ukuphazamiseka ngesikhathi kusahlasele isifo esibe ngundabamlonyeni, i-Covid19 kodwa wabuye waqhubeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *