Selufikile olungaliyo lomjaho we-Hollywoodbets Durban July 2025

SHEILA MHLONGO

Sekuyisikhathi sonyaka lapho wonke amabombo ebhekiswe eThekwini emcimbini  wonyaka, i-Hollywoodbets Durban July, ozobanjelwa e-Hollywoodbets Greyville Racecourse 5 Julayi 2025.

Isiqubulo salonyaka sithi ‘Marvels of Mzansi’ igubha ifa elicebile laseNingizimu Afrika, ukuhlukahluka kwamasiko, nezindawo ezinhle zemvelo, ngenkathi kubungazwa nezinqubekela phambili evelele yesizwe.

I-Hollywoodbets Durban July ingomunye wemicimbi emikhulu ekhalendeni ledolobha futhi iyinto edonsa izivakashi ezivela kulo lonke elaseNingizimu Afrika kanye naseThekwini namaphethelo .

Lona ngumcimbi onomthelela omkhulu kwezomnotho wedolobha.

Idolobha lilindele ukuthi abantu abangaba ngu-45 000 bafike eThekwini bezobuka lo mqhudelwano wamahhashi.

Ukweluleka kubonisa ukuthi lo mcimbi uzoletha umnotho ongaba ngu-R278.6 million, kanti kulindeleke ingeniso  ye-GDP ukuthi ifinyelele ku-R689.4 million.

Kukhona namathuba emisebenzi angu-4 403 alindelekile ukuthi adaleke ngalesi sikhathi.

Amabhizinisi emikhakheni ehlukahlukene, kuhlanganise nomnotho ongeyona eyezomthetho (informal sector), azothola inzuzo enkulu.

Eminye imikhakha ezothola inzuzo eDurban July ifaka ezemfashini nezendwangu, ezokuthutha, izindawo zokudlela, ezobuhle nezinwele kanye namabhizinisi athengisa ukudla okusheshayo.

UMeya weTheku, uKhansela uCyril Xaba, unxuse wonke umuntu ukuthi ajabulele umoya ophilayo waseThekwini njengoba idolobha liphenduka indawo yokuzijabulisa, ubukhazikhazi, nokuzijabulisa kwezinga lomhlaba.

“Wozani nijabulele umuzwa womjaho, imfashini emangalisayo, nezikhathi ezingasoze zalibaleka ezenza iDurban July ibe ngumcimbi okufanele ube khona. Noma ungumgcini wokubheja, uthanda imijaho yamahhashi noma ufuna nje ukuzijabulisa ngosuku oluhle, woza ube yingxenye yale ndlela yokugubha eyingqophamlando.” kusho uMeya uXaba.

Uphinde waveza ukuthi iTheku yindawo okufanele kube kuyo kule Julayi, lapho kudalwa khona izinkumbulo ezingasoze zaphuma engqondweni futhi idolobha ligcwala injabulo namandla.

Kunemicimbi eminingi emnandi ezoba ngekhefu le-Durban July efaka phakathi:

  • Fact Durban Rocks,
  • Anywhere in Your City,
  • Any Given Sunday,
  • Mojo’s July Weekend,
  • ne-All White Maxi’s Lifestyle Party, kanye neminye.

Imicimbi yasebusika ebibanjelwa eThekwini iletha ushintsho olubalulekile kwezomnotho, ikakhulukazi embonini yezokuvakasha nezokwamukela izivakashi.

I-Hollywoodbets Durban July yangonyaka odlule yabona indawo yomjaho igcwala abantu abangaphezu kuka-50 000.

Ukuze uthole eminye imininingwane mayelana nemicimbi ezayo yeDurban July vakashela ku-www.visitdurban.travel noma ulandele @DBNTourism ezinkundleni zokuxhumana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *