SHEILA MHLONGO
UMengameli uCyril Ramaphosa ususe u-Andrew Whitfield esikhundleni sakhe sokuba iPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana (dtic).
UMengameli uRamaphosa ubonge uWhitfield ngesikhathi asebenze ngaso kuHulumeni Wobumbano (GNU).
Ngokwesitatimende esikhishwe eHhovisi likaMengameli, ukususwa kwakhe kwenziwe ngokuhambisana noMthetho Sisekelo woMthetho waseNingizimu Afrika, wezi-1996, isigaba 93(1).
Kanti uMengameli uRamaphosa unxuse uMengameli weqembu le-DA, uMnu. John Steenhuize ukuthi amnikeze elinye igama lomuntu ozothatha lesikhundla sika Whitfield.
Khona manjalo uMnu Steenhuizen kanye neqembu lakhe le-DA bazwakalise ukungenami ngesinqumo sikaMengameli maqede wayalela uMengameli ukuthi angabi bukhali ngenxanye njengommese, wathi kumele axoshe oNgoqngqoshe be-ANC abangenzi kahle eminyangweni yabo, lapha kubalwa uNgqongqoshe wezeMfundo emaBangeni aPhezulu uNobuhle Nkabane kanye nalowo woMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu uThembi Simelane ngoba ibasola ngenkohlakalo yaphinde yathi uma kungenjalo izophikisa iSabelomali saleminyango yomibili.
I-DA iphinde yezwakalisa ukuthi iyaziqhelanisa nezinkulumo ngxoxiswano (National Dialogue) ehlelwe uMengameli uRamaphosa okubhekeke ukuthi ibanjwe ngomhlaka-15 Agasti, nezodla isamba sika-R740 million, yathi lokhu kungenye yezindlela zokumosha imali yabakhokhi bentela engenaso neze isidingo ekubeni uMengameli esahlulwa nje ukuxoxisana nabo bengamalunga eGNU. – SAnews.gov.za

