Iphinde yaphoxa  abalandeli iChiefs ishayelwa ekhaya kowe TOYOTA CUP

SBU MAMBA

Ikhale yemuka nesicoco se Toyota Cup i-Asante Kotoko yase Ghana , iKotoko ibhaxabule kabuhlungu Amakhosi abafana bokuthula noxolo iKaizer Chiefs ngo 3-2  sekushaywa amaphenathi eThekwini eMoses Mabhida Stadium . Lomqhudelwano weToyota Cup udlalwa yi Kaizer Chiefs njalo ngonyaka namaqembu ase-Africa ukulungisela ukuqala kwesizini entsha ye-Betway Premeirship , ngonyaka odlule Amakahosi abhaxabulwa kanzima yi Young Africans yase Tanzania ngo 4-0.

IChiefs ayibanga namalungiselelo amahle esizini entsha kodwa idlala ibhola elihle inkinga amagoli , nakulomdlalo wabo ne-Asante Katoko iChiefs ibiwuphethe umdlalo cishe iziwombe zombili  iwatholile amathuba yadlala ngawo , udonga lwasemuva beluqinile izamile ukuhlasela iKotoko kodwa ezika Shintsha Guluva zathi lutho eluthela.

IMpofana iqale isiwombe sesibili ngegiya eliphezulu kuthe sesiyophela isiwombe sesibili izitobha zeKotoko zadlalisa kabi umgadli weChiefs uPule Mmodi ebhokisini athola iphenathi Amakhosi wayibeka eceleni kwepali u-Inacio Miguel , uMiguel ubebhekene nesambane ngoba noma sekushaywa amaphenathi eyakhe iphenathi uyivimbile uNozinti . Umdlalo ugcine uphela ngo 3-2 kunqoba i-Asante Kotoko sekushaywa amaphenathi .

Kanti bezibophele kanje lezinkunzi ezimbili , emapalini eKaizer Chiefs bekugjima uBrandon Peterson , Aden McCarthy , Nkanyiso Shinga , Inacio  Miguel , Ox Mthethwa , Thabo Cele , Nkosingiphile Ngcobo , Glody Mkabi Lilepo , Mfundo Vilakazi , Flavio DaSilva kanti ezase Ghana i-Asante 

Kotoko ibibophele kanje : O’Neil ,Opoku , Adabo , Antwi , Ansu , Asiedu, L.Amoah , Kwando , Amidu , Amoah .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *