UMzansi ujabule kakhulu ngoMama uRebecca

ZAMA MAJOLA

Indlovukazi yeGospel uRebecca Malope uhlomule u-R1 Million ngemva kwempi yezomthetho nenkampani yokuhlanza i-Ariel. Ngokusho kukaMashala Segerika oyi-blogger, umculi weGospel uRebecca Malope usanda kunikwa isamba sika-R1 million ngemuva kokulwisana nenkampani yensipho yowasha izingubo i-Ariel  ngokusebenzisa isithombe sakhe ngaphandle kwemvume yakhe. Ngonyaka ka-2016, uRebecca wayengubuso buka-Ariel njengenxusa labo lomkhiqizo.

Kodwa lapho inkontileka iphela ngo-2022, inkampani iqhubekile yasebenzisa isithombe sakhe ngaphandle kokuvuselela isivumelwano noma ukumkhokhela isenti kuze kube ilo nyaka ka-2025. Ngo-Ephreli kulo nyaka, uRebecca wathi “sekwanele” wabe esedlulisela udaba lwakhe  enkantolo enkulu yasePitoli. Baxazulule lonke lolu daba enkantolo wabe esenikezwa isamba sika-R1 million ngenjesinxephezelo.

URebecca ube esedlulisa ukuthi akazange aye empini ethukuthele kodwa wayefuna nje lokho okulungile. URebecca Malope uzophinde athole i-Lifetime Achievement Award kwi-Basadi in Music Awards ezoba ngomhlaka-2 Agasti 2025 eJoburg Theatre. Usebenze ngezingoma zokholo amashumi eminyaka manje usethola konke okumfanele.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *