SHEILA MHLONGO
Iyinzukayikeyi eyeMbabane Highlanders AM nosomabhizinisi waseNingizimu Shaun Mamkhize, u-Alfred Ally Kgomongwe uselufakele izibuko udaba lukaShauwn Mkhize lokuthatha izikhondlakhondla zase-Eswatini iMbabane Highlanders. UKgomongwe, oke wabamba izintambo kuHighlanders, uphonsela inselelo ubuholi bukaBheki Simelane futhi uyakungabaza ukubandakanyeka kukaMaMkhize, osanda kwethulwa njengomengameli omusha weqembu. Ngemuva kwalokho, leli qembu laqanjwa ngokuthi iMbabane Highlanders AM ukuze kuhlonishwe amagama okuqala endodana yalo somabhizinisi, u-Andile Mpisane.
UKgomongwe, ophinde abe ngumnikazi we-Extension Gunners yaseBotswana, umile kwelokuthi uphethe u-80% wamasheya eHighlanders futhi uzwakalise ukukhathazeka ngalokho akusho ngokushintsha okungabazekayo kumqondisi weqembu kuSimelane.
Engxoxweni, uKgomongwe uthe ungumnikazi weqembu u-80%, kanti ezinye izikhulu ezimbili zaseSwazini ziphethe u-20%. “Ngiyabona kukhona ukudideka ukuthi ngubani ngempela umnikazi weMbabane Highlanders FC.Yimi umnikazi walelo qembu.” usho kanje. “Ngakho-ke angiqondi ukuthi kungani uMnu. Rubber Simelane efuna isinxephezelo sika-R1 million ekubeni iqembu kungelona elakhe. Iqembu lami. Ngisho noma iMbabane Highlanders inganqoba iCAF Champions League nanoma iyiphi indebe, umklomelo ngeke uye kuRubber Simelane, kodwa kuzoba ukuthi yimina umnikazi nomqondisi osemthethweni weMbabane Highlanders.”
OKUSHIWO IMBABANE HIGHLANDERS NGALESI SIMO
Siphendula ngalezi zinsolo, isiphathamandla seHighlanders uLington Gule uthe uKgomongwe kungenzeka unobudlelwano neMbabane Highlanders Ltd, kodwa hhayi iqembu lebhola uqobo. “UMnu Simelane akabambelele emandleni. Ufuna ukunxeshezelwa ngamagalelo akhe ezimali. Awuzihoxisi izinkontileka ngaphandle kokuhlonipha izibopho.” kusho uGule.
UGule uqhube wathi uSimelane uzimisele ngokudlulisela ukulawula kuKgomongwe noma kuMkhize, kodwa kuphela uma kuhlangatshezwana nezivumelwano ezithile zangaphambili. Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule isikhulu esiphezulu se-Eswatini Premiership Soccer League [EPSL] uPat Vilakati uthe ubengakakhululeki ukuphawula ngalolu daba

