UMsunguli nosomabhizinisi wenhlangano i-CTGAL uNksz. Thobile Blose okukhuthalele ukwenza imisebenzi yokunikela emiphakathini, nokuqeqesha intsha esakhula, ngokuyihlomisa ngolwazi mayelana nezobuhle iphinde iqonde ukuthi ubuhle bawo buqala ngaphakathi kubona uqobo. Lenhlangano ikwaze ukufida izingane ezingu-80 ngesikhathi kubungazwa usuku lukaMandela, kuyinhloso yethu ukuthi siqhubeke nokwenza umehluko emphakathini nokuthuthukisa impilo yentsha yethu.

Continue reading

UNkk. Gugu MaMzobe Togara ngaphansi kwenhlangano yakhe iBonisa wenza umsebenzi wokusiza ngezixazululo kuzo zonke izinhlangano ezizimele, unezinhlelo ezine eziyisisekelo okunguBonisa Sustain  kuhlanganisa  neBonisa Community Development nokuqhuba umkhankaso wokuqhwashisa ngezenzo zokuhlukumeza ngokobulili kanye nokubulawa kwabesifazane nezingane (GBVF). Uphinde abe nguMqondisi enkampanini yakhe iLinogugu Productions ezinze eThekwini.

Continue reading

UMnu. Maxwell Zondi uMsunguli weMaxwell Zondi  Foundation  enakekela imiphakathi ngezindlela eziningi. Isebenzisana nezinhlaka zikaHulumeni nezikaMaspala, abefundisi, abasakazi amaRadio stations ngenhloso yokuthi abadinga usizo kwiFoundation baluthole. Silekelelile ekutholeleni izindawo zokulala abazidingayo. Ngokulekelelana nama khansela nama social worker safunela nezingane ezintulayo ama-uniform esikole sisizwa izimboni  zama-Taxi.

Continue reading