UKUKHWABANISA okwenziwa osopolitiki ikakhulukazi eminyangweni esiza imiphakathi akusiphathi kahle. okokuqala siyayizwa imali kukhulunywa ngayo kwisabelozimali kodwa ushintsho asiluboni.
Kuyenzeka kuphume namatender kodwa abantu abasemandleni benze ukukhwabanisa noma sebeqala beqasha njengoba kushiwo ukuthi ukukhwabanisa kuhlukene kaningi, uzothi uyezwa kwamasipala kusebenza abantu bakubo kwemayor kodwa nani nikhona niyizakamizi anilitholi ithuba lokuthola umsebenzi.
Engingakuveza kakhulu ukuthi uma kungaphela ukukhwabanisa kosopolitiki izwe lakithi lingaya kude kakhulu ekusifukuleni emnothweni.

