Bakhala ngenyama yaseBluff Meat oseGalleria Mall abantu

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Bayakhala abantu ngenyama yaseBluff Meat okwinxanxathela yezitolo iGalleria Mall lokhu kuza ngemuva kokuthi omunye wamakhasinde akulesi sitolo efake udaba lwakhe lokunganeliseki enkundleni yokuxhumana uFacebook  obelufundeka kanje “Bluff meat waseGalleria ngiyawubonga. Inyama yakhona eningi isi-expired, ngicele imenenja yakhona ngayibuza ikakhulukazi ngama chicken snitzel, okungimangazile ukuthola impendulo ethi awanalutho kodwa ebe esephendula ebaluhlaza. Ngithe uma ngiyibuza ukuthi yona ingayidla yini lento ayibange ingiphendule, ngiyitshelile lendaba ngizoyisabalalisa. Uma niyothenga ikakhulukazi izinto zasefrijini niqaphele uma

”.

Amakhomenti abantu abeshaqisa ngoba abekufakezela ukuthi lo sisi obhekane nenkinga bekungeyena owokuqala ukugileka kodwa inqwaba yabantu eseke yabhekana nenkinga efanayo. Omunye wabaphawulile uthe yena akawucabangi uBluff Meat wase Galleria wake wathenga ama quarter legs kanti onakele, akuphelanga sikhathi esingakanani kwangena enye ikhomenti yomthengi othi yena emasontweni edlule usanda kubuyisela into kulesi sitolo ngemuva kokuthi ethenge amaRibs onakalele.

Kukhale kwaze kwakhala ngisho abantu abahlala ePietermaritzburg bathi nabo ayikho into engabolile koBluff meat abasondelene nabo kanti nabaseRichard’s Bay kukhalwa ngesifanayo. Iningi labantu lithe lona selizithengela eChester Butcheries inyama ngoba likhathele inyama ebolile.

Uma nawe kwenzeka uhlangabezana nenkinga efanayo ungasebenzisa lama email address alandelayo ukufaka isikhalazo sakho eBluff Meat, email MelushaP@BluffMeatSupply.co.za/ BongeKap@BluffMeatSupply.co.za / feedback@meatsupply.co.za.