UVuyani Mdlalose(23) wakwaSwayimane esigodini sasoKhalweni kodwa otholakala eHammarsdale ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2015 enza umculo we-Afro Pop nge Stage name Request’Mavuthela (RM)
Exoxisana nephephandaba uthe: “Umculo into engiyikhonze kakhulu yize ngingemdala emculweni kodwa kuningi esengikufundile ngakokuthi angigcini nje ngokuba umculi kuphela kodwa ngike ngibe nguProjusa weZwakala Record Company. Umsebenzi esengike ngawenza muningi kakhulu kodwa ukukha phezulu ngonyaka ka2021 ngakhipha i-EP ngaphinde ngenza umcimbi wayo njengoba ngangiziveza emphakathini” kuchaza uRequest’Mavuthela,
Eqhuba uthe kuningi okuhle asazimisele ukukwenza njengoba esazosebenza namaciko amaningi ehlukene. Wengeze ngokuthi akufisa kakhulu ukuthi umphakathi ubeseke njengama ciko asendaweni asafufusa nawo, kanti nawo amakhansela omasipala kubalulekile ukuthi abeseke uma ehlele imicimbi afake isandla ukuze bezoyibona indlela eya empumelelweni nabo.
Uma ufisa ukuzwa umculo kaVuyani ungawu download ku-Audiomark nakuSound Cloud noma uxhumane naye kulenombolo kaWhatsapp: 0659114887 uzobe esekuthumela ama link. Mayelana nokunye ungamushayela kulenombolo: 0760690427 kanti nasezinkundleni zokuxhumana ungamuthola Facebook: Real Sekethwayo Iyisoka/ TikTok: Real Rm or Isoka lam/ YouTube: (Real Rm.

