IMpathy Private Health Care Clinic ivulwe ngeledlule eMlazi, eduze naseThekwini nguGugu Khumalo ngosizo lweRhiza Holdings.
OWAMI THABETHE
Umfundisi waseMlazi uGugu Khumalo uvule umtholampilo ngoLwesine mhla zingu 8 Agasti. Uthe ithuba lokuba nomtholampilo ohlinzeka ngezinsizakalo zezempilo ezizimele ezisezingeni eliphezulu alikaze lifike engqondweni yakhe, kodwa izibhelu zikaJulayi 2021 zambekela inselelo yokuthi ahlose ukuthuthuka emphakathini wangakubo.
“Ngalahlekelwa yikho konke ngesikhathi ngiphangwa ngo-2021. Kwakunzima, futhi kwadingeka ngizibuze ukuthi kufanele ngivele ngiyeke noma ngiqhubeke ngizama. Kodwa ngangazi ukuthi ngangingeke ngiyeke. Ngabuyela emuva futhi ngaqala ukufuna usizo. Ngabhala iziphakamiso ngabona ukuthi isifiso sami sokuletha usizo lwezempilo emphakathini singafezeka,” kusho uGugu
Ngosizo lweRhiza Holdings, uKhumalo uvule iMpathy Clinic yokuqala elokishini laseMlazi. Umtholampilo uhlinzeka ngosizo lwezempilo oluzimele , oluthuthukisiwe kanye nekhwalithi ngamanani akhokhelekayo emiphakathini empofu.
Umphathi Wezempilo wakwaRhiza Holdings, uLerato Seheri, uthe ukuvula iMpathy Clinic phakathi neNyanga Yabesifazane kubaluleke kakhulu njengoba inhloso yohlelo lwabahlengikazi bekuwukuhlomisa abesifazane.
I-Mpathy Clinic, exhaswe yinkampani eyenza imithi yomhlaba wonke i-Viatris kanye ne-Contribute Foundation, inika amandla futhi ihlomisa abesifazane ukuthi bagcine bengabanikazi besikhungo sezempilo, esihlinzeka ngosizo lwezempilo oluzimele olufinyeleleka kalula kulo, olusezingeni eliphezulu futhi ngamanani athengekayo.
UKhumalo uthe nakuba engeyena umhlengikazi ngokomsebenzi kodwa ukuthanda kwakhe ukuthuthukisa umphakathi nokufukula yikho okumholele kule ndlela.
Uqhube wathi njengomfundisi, kumele anakekele abantu ngokomoya, ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bayanakekelwa ngokwenyama, nangokwenhlalo.
UKhumalo uthe ubajabulele kakhulu abantu basendaweni yangakubo futhi njengoba umtholampilo ususeduze abantu ngeke kusadingeka ukuthi bahambe amabanga amade befuna usizo.

