Sekuphenduke ibhizinisi ukudunwa kwabantu

Esithombeni: Izakhamuzi ezingenazo izincwadi zitholwe zivalelwe futhi zipakishwe emakamelweni.

Isithombe: SAPS

SHEILA MHLONGO

Uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) Special Task Force (STF) luhlenge abantu abangu-90 base-Ethiopia abangenazo izincwadi zokuba kueli, okusolwa ukuthi bebegcinwe bengafuni futhi ngaphansi kwezimo ezinonya eSunnydale Ridge, eGoli.

Ithimba lezinhlaka ezehlukene eliholwa yi-STF belithungatha isisulu sokuthunjwa ukuze sihlengwe ngesikhathi liphinde lathola abantu bokufika abangenazo izincwadi abatholwe bevalelwe, futhi beyisipatolo emakamelweni. Uphenyo luyaqhubeka mayelana nokuthi labalisa bashushumbiswe kanjani eNingizimu Afrika.

Phakathi kwabantu base-Ethiopia kwakukhona isisulu esithunjiwe naye owahlengwa. Isisulu sithunjwe eBenoni ngoLwesibili mhla zingu 30 kuJulayi, nalapho abathumbi baso beqale khona ukufuna amakhulu ezinkulungwane zemali yesihlengo emndenini waso.

Abomdabu base-Ethiopia bonke baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo. Kuboshwe ababili abasolwa ngokushushumbisa abantu kanye nabathumbi abatholwe kule ndawo.

Bangase babhekane necala lokuthumba nokushushumbisa abantu kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge maduze.

Icala selidluliselwe kwiDirectorate for Priority Crime Investigations [Hawks] ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Lo msebenzi ubungeke ube yimpumelelo ngaphandle kwezinhlaka ezilandelayo – ezobunhloli bobugebengu, abaseshi bobugebengu obuhleliwe, iSandringham neDaveyton SAPS kanjalo nezokuphepha ezizimele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *