
Ngiyabingelela bantu bakithi enyangeni yabomama inyanga yezimbokodo. Ngicela ukukhuthaza ukuxhaswa kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane kulenyanga . Kungaba yindlela enhle yokubungaza usuku nenyanga yabo. Asikhumbuleni ukuthi kungani lenyanga nalolusuku kwathiwa usuku nenyanga yabesifazane .
Abesifazane ngonyaka ka1956 benza isenzo esihle kungalindelekile ukuthi owesifazane angakwenza lokho. Bakhulula isizwe emithethweni eqinile yengcindezelo. Ngakho kungaba kuhle uma sibungaza lesenzo sabo sibheke bonke abesifazane abaqale amabhizinisi emphakathini sibabungaze sibaxhase ngoba kubonisa isibindi nobuhlakani .
Umuntu wesifazane unawo amandla wokushintsha isizwe ngoba imfundiso yakhe iyahlala ezinganeni idlulele phambili. Uma uphakamise owesifazane usuphakamise isizwe ngoba usuphakamise nenzalo ezayo kodwa uma umqolile usibulele isizwe ngoba usuqole nenzalo ezayo. Wathinta abafazi wathinta imbokodo!!
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

