
Esithombeni: UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi
OWAMI THABETHE
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi udalule ukuth iKZN ihamba phambili ngobugebengu ikakhulukazi eThekwini. UMkhwanazi uveze ukuth isibalo esiningi sezigebengu ezitholakalayo kamuva abantu besilisa bendlu emnyama imvamisa. Izigameko ezenzeke kamuva esifundazweni zokubanjwa kwezimoto zemali, ezokubulala abantu besifazane kanye nokubamba inkunzi ezikoleni zonke zenziwa ngabantu besilisa abamnyama abakulesi sifundazwe.
UMkhwanazi ethula lenkulumo kwingqungquthela yokuVimbela Ubugebengu(Social Crime Prevention Summit) ebibanjelwe eThekwini ngesonto eledlule uthe akasakhathalele kuthandwa nakuthenjwa amaphoyisa kulesi sifundazwe angeke aze adlale izigilamkhuba futhi angeke ahlehlele emuva azoyibamba ishisa ukuze balwe nobugebengu esifundazweni.
UMkhwanazi udalule ukuthi u 40% wamacala akhona esifundazweni uqhamuka eThekwini, abantu abangasebenzi, izingane eziyeka ukufunda esikoleni zihlale emigwaqeni ziyimbangela yokunyuka kwezinga lobugebengu eThekwini okusho ukuthi nendlala inesandla makwanda ubugebengu.
UKhomishana uphinde wadalulula ukuthi babhekene nengwadla makuziwa kumuntu wesilisa omnyama eNingizimu Afrika, ngoba zingaphezu kwa 60 000 izigebengu eziboshiwe esifundazweni ezineminyaka ephakathi kuka 15-25 emnyakeni emihlanu, ezingu 57 691 ngabantu abamnyama.

