SHEILA MHLONGO
Yenze ezibukwayo iNhlangano yabasha yaphuma unombolo 1 emncintiswaneni wezinhlangano eNewcastle mhlaka- 3 March 2025, u REV Vusumuzi Kunene of Newcastle Religious Council ophinde abe uMongameli wenhlangano eqophe umlando kulomncintiswano eMajuba District Sithanda ukuhalalisela i-ADCYC ngokuphuma phambili.
I- Amajuba District Changemaker Youth Council iklomeliswe iNewcastle Mall ‘Certificate of appreciation and recognition’ kanye noxhaso thizeni, njengenhlangano edlala indima enkulu ekuthuthukiseni abantu abasha.
UMongameli walenhlangano uthe : “kuyintokozo enkulu ukuhlonishwa ngaloluhlobo njengenhlanganyelo emele abantu abasha futhi engenz’inzuzo, sithanda ukubonga kubantu abasha abasisekile bonke abaseMajuba kanye nethimba le-ADCYC ikakhulukazi usihlalo walo uMiss Nomcebo Mazibuko kanye nenhlangano yezenkolo iNgqungquthela Dr BT Dlamini, Professor MT Ntshayintshayi and councilor VN Sibeko nethimba lonke”.

