SHEILA MHLONGO
Amaholidi ePhasika ayisikhathi sokunikeza abavakashi ithuba lokuthokozela ubumnandi bedolobha ngezindlela ezehlukene. Lokhu kuvele ngesikhathi iMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ethula umkhankaso wedolobha wamaholidi ephasika kanye nesikhathi sasebusika emcimbini obubanjelwe enxanxatheleni yezitolo iWestown Square mall eseShongweni entshonalanga yeTheku.
Isiqubulo somkhankaso walonyaka sithi “Endless Fun Season”. Kanti kuqondwe ngaso ukukhangisa izindawo ezibalulekile zaseThekwini okubalwa phakathi kwazo izinxanxathela zezitolo kanye nezindawo zezimakethe kuye kuzindawo zezimpophoma zamanzi kanye namasafari akhangisa ngezamasiko.
Babalelwa ku 1.3 million abavakashi okulindeleke ukuthi batheleke edolobheni ngesikhathi samaholidi ephasika kanti imboni yamabhizinsi ezindawo zokuphumula (Hospitality industry) yona kubhekeke ukuthi yamukele abavakashi abangu 63%, okuyisibalo esenyukile uma kuqhathaniswa nesangonyaka ophelile esibe ngu-50%.
Umnotho wendawo kubhekeke ukuthi uthole inzuzo yemali yabathengi elinganiselwa cishe ku R2,5billion kanye neGDP elinganiselwa ku R6,1billion ehambisana nesibalo esingu 11,000 samathuba omsebenzi.
IMeya uXaba uphinde waveza ukuthi ngalomkhankaso idolobha liqonde ukugqamisa izindawo zokuvakasha ezimqoka ezitholakala eThekwini ukuze abavakashi bazijabulise baphinde bazitike ngezinhlobo zokudla okumnandi nezindawo zenjabulo eziphambili.
”Sifuna ukwazisa abavakashi bethu bakuleli kanye nasemazweni angaphandle ukuthi sesikulungele ukubanikeza amaholidi aphephile abazowathokozela. AboPhiko lwe Metro Police sebelidwebile uhlelo lwezokuphepha .” Kusho uMeya uXaba.
Idolobha selivele liqalile uhlelo lokuvuselela kabusha iTheku eliphephile kanye nelihlanzekile.Kuloluhlelo luhlanganisa ukuqashwa kwethimba lezokuphepha elisezingeni eliphezulu,ithimba lezokuphepha elihlomile, kanye nabaqaphi abalindele ukusabela masinyane uma kuba nezimo eziphuthumayo.
ITheku lisanda kuthola ukuqokelwa kuma World Travel Awards ngaphansi kwemikhakha ehlukene okuhlanganisa owe Africa’s Leading Festival and Events Destination, ngenxa yawo futhi kuhlelwe imicimbi ehlukene ezodonsa abavakashi. Lapha sibala owe
Joyous Celebration Easter Mega Fest, One-Man Show Concert, eThekwini Surf Pro kanye nowe-Durban International Marathon ukubala ambalwa.
Kuzo zonke izifunda zeTheku okubalwa Amanzimtoti, Shongweni, uMhlanga, Inanda, ne Beachfront.
Kuzokwethulwa lomkhankaso.
Ukwazi kabanzi ngongakuthola edolobheni iTheku vakashela :www.visitdurban.travel or follow @DBNTourism on social media platforms.

