Abathola izibonelelo zakwaSASSA bakhuthazwa ukuthi bavule ama-account emabhange

SHEILA MHLONGO

Yimali yakho ye-SASSA – unelungelo lokukhetha indlela yokuyithola ngayo

Ngomhla ka-17 Ephreli 2025, u-SASSA umemezele ukuthi abantu abathola izibonelelo kumele bashintshe ama-SASSA Gold Card, njengoba la makhadi ezophelelwa yisikhathi ngo-31 Meyi 2025. Kanti uhlelo lokushintshwa kwamakhadi amasha  e-Postbank kumisiwe, ngakho-ke abantu bayakhuthazwa  ukuthi bavule ama-akhawunti amasha emabhange ehlukene   abazikhethela wona  ukuze baqhubeke nokuthola izibonelelo zabo.

Ungakhathazeki : Ungakhetha noma yiliphi ibhange ofuna imali zakho zeSASSA zingene kulo. Lokhu kuzokusiza ukuthi uthole izinsiza ezihambisana nezidingo zakho njengemali-mboleko, umshwalense, noma ukukwazi ukusebenzisa i-ATM noma isitolo ukuze uthole imali noma uthenge.

EasyPay Everywhere iyindlela elula kwabaningi ngoba ivumela abathola izibonelelo zakwaSASSA ukuthi basebenzise amakhadi abo noma nini, bathole izaziso nge-SMS uma imali ingenile, futhi bahlale benolwazi lwemali yabo.

Ungalibali: Khetha ngaphambi kuka-31 Meyi 2025. Vakashela igatsha le-EasyPay Everywhere eliseduze noma uvakashele i-www.epe-online.co.za, noma uthumele i-SMS ku-38131 ukuze ubizwe emuva.

Khumbula: yisipho sakho lesi – wena ukhetha ukuthi uyithola kanjani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *