Kuzobhekana iNingizimu Africa neGibhithe kowe CAF Champions League Semi Finals

SBU MAMBA

Izikhondlakhondla zase South Africa iMamelodi Sundowns neOrlando Pirates ziqophe umlando zingena kuma Semi Finals eCAF Champions League kanti nezinsizwa zaseKapa iStellenbosch zenze njalo zingena kuma Semi Finals eCAF Confederation Cup , ISundowns izobhekana ne-Alhly Alhly bese iPirates igadulisana nePyramids omabili lamaqembu aseGibhithe kanti

kowe CAF Confederation Cup iStellenbosch FC zizodlala neSimba yase Tanzania yonke lemidlalo inemilenze emibili ezodlalelwa ekhaya nasekuhambeni.

KuCAF Champions League inezikanyenzi ezingu 12 okuchaza ukuthi isinqobe kawu 12 lendebe ye CAF kanti amaqembu akuleli iPirates neSundowns bayinqobe kanye. Lamaqembu aseGibithe ayingozi kakhulu uma edlalela ekhaya kunzima ukuwashaya kuzomele izinsizwa zaseNingizimu Africa ziqinisekise ukuthi ziyayinqoba imidlalo yazo yasekhaya ziwashaye futhi namagoli ukuze babe sethubeni elihle lokuya kuma Finals , kungenzeka sibone ama Finals phakathi kwe Pirates neSundowns kuCaf Champions League.

    Kanti abafana beStellies kuzomele bawanyuse ngampela amasokisi ngoba iSimba FC iyingozi kabi uma idlalela eDar es Salum , iSimba eqeqeshwa yinsizwa yalapha eSouth Africa uFahlu Davids iyiqale kahle isizini ka 2024/25, yenza kahle emidlaweni yase Africa nasemdlalweni yasekhaya kodwa uma iStellenbosch singadlala ngokulingana ekuhambeni bese siwina umdlalo wasekhaya noma ngegoli elilodwa eqandeni lizokwazi kuzibekisela indawo kuma Finals eCAf Confederation Cup.

    Leave a Reply

    Your email address will not be published. Required fields are marked *