SHEILA MHLONGO
NgoMgqibelo womhlakaka 22 Juni 2025, iDurban Spar Womens 10/5km izobe ibungaza iminyaka engu-35 yonke yasungulwa emjahweni oyobe ubanjelwe eThekwini.
Selokhu kwasungulwa lomjaho ngo-1990,usukhuthaze abantu ababalelwa ngaphezu kuka-369,000. Umjaho wokuqala waheha abagijimi ababalelwa ku-2,200, kanti owawunabantu abaningi kakhulu wawungo-2015 ngo-17,607. Ngo-1990, uColleen de Reuck waseNingizimu Afrika wawina ngesikhathi sika-34:16, kanti ngo-2024, uTadu Nare wase-Ethiopia wawina ngo-31:14.
Kulo nyaka, lomjaho kulindeleke ukuthi uhehe abagijimi abalinganiselwa ku -12,000. I-10km izoqala ngo-8am, bese i-5km iqala ngo-8:45am.
UMqondisi Wezokumaketha e-SPAR KZN, uMenelisi Luthuli, uthi: “Sekuyiminyaka engu-35 siqhakambisa impilo, ukuzethemba, komphakathi ngalo mjaho owazalelwa e-KZN.” Ingqikithi yango-2025 ethi #Twenty20Thrive igcizelela ukuzinakekela, ukukhula, nempilo enhle.
Indlela yomjaho izohlala injalo – iqala eMasabala Yengwa Avenue eduze neHollywoodbets Kings Park Stadium, iphele ngaphandle enkundleni yebhola. Kuzoba nokuzijabulisa, nokuklonyeliswa ngemiklomelo , kuhlanganise neHyundai Exter ebiza u-R269,900.
Lo mjaho uyinxenye ye-SPAR Grand Prix enikela ngemiklomelo ye-R185,000. Ohlwini lwesibili luzothola:
- Indawo yokuqala: R33,000
- Eyesibili: R25,000
- Eyesithathu: R20,000
Ukubhalisela umjaho kuvulekile kuze kube u-16 Juni (Youth Day), noma kuvalwe lapho kufinyelela ku-12,000. Izimali zokungena ku-inthanethi: R180 kuzo zombili (5km no-10km). Ongagunyaziwe bazodinga ilayisense yesikhashana engu-R55. Ukuze kube lula emabhizinisini namaqembu, ukubhalisela iqoqo labantu abangu-10 noma ngaphezulu kuvulwa kuze kube u-6 Juni. Ukubhalisela sekwephuzile kuzoba ngu-R200.
Njengoba umjaho waseKapa uthengiswe ngokuphelele ezinsukwini ezingama-35 ngaphambi kwawo, abathandi bomjaho e-KZN bayelulekwa ukuthi babhalise masinyane.
Ukuqoqa amaPacks omjaho kuzoba eKings Park Outer Fields:
- NgoLwesihlanu 20 Juni: 10am – 6pm
- NgoMgqibelo 21 Juni: 10am – 4pm
U-R5 kuzoba umnikelo kwiSinethemba Women’s Foundation eMatabetule, eduze ne-Inanda Dam – okuyinhlangano elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
Ulwazi olwengeziwe: vakashela www.spar.run noma ulandele umjaho ezinkundleni zokuxhumana.


