UMkhonto weSizwe  unqobe  okhethweni lomkhandlu wabafundi eThekwini

ONGEZIWE NTONDINI

UMkhonto weSizwe Party  uthole okunye ukunqoba kwezombusazwe eThekwini kulandela impumelelo ephelele kwiZikhungo Zezemfundo zeNyunyana yabafundi ezagcwaliswa mhla zingu-26 Ephreli.

Uphiko lwabafundi, i-Umkhonto weSizwe Student Movement lunqobe zonke izihlalo ekolishi laseSwinton elokishini laseLamontville eningizimu yeTheku. Leli qembu linqobe iSouth African Student Congress kanye ne-EFF student command. Liphinde lanqoba zonke izihlalo ekhempasini yase-As Salaam e-Umzinto KwaZulu-Natali.

Ephawula  ngokunqoba, iphini lomxhumanisi weqembu esifundazweni uShirley Willemse uthe iqembu lithatha ukulawula isifundazwe kuyo yonke imikhakha kubalwa namakolishi e-TVET.”Siyiqembu elikhethiwe futhi lokhu kuyisibonelo salokho okuzokwenzeka okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo. Sikhona kuwo wonke amagumbi esifundazwe,” kusho uWillemse.

Leli qembu lisaphezu kwenyanga ngemuva kokunqoba iwadi yalo yokuqala eThekwini okhethweni lwakamuva. I-Ward 110 ehlanganisa izingxenye zeGlen Anil, iPhoenix neMount Moriah ishiywe ingenanto ngemuva kokuthi i-DA ixoshe ikhansela layo. Leli qembu manje libheke elinye iwadi kuMasipala weNdawo yaseMandeni okhethweni oluzolandela. Lewadi yasala ingenamuntu ngemuva kokubulawa kwekhansela le-ANC ngasekuqaleni konyaka. Iqembu lalowo owayengumengameli, uJacob Zuma linamakhansela amane koMasipala abane okungu-Umzumbe, KwaDukuza, Richmond  naseThekwini.

 Ngesikhathi somgubho wokubungaza unyaka wokuqala owawubanjelwe eThekwini ngonyaka odlule, leli qembu limemezele ukuthi lilungiselela ukubusa uMasipala waseThekwini. Okhethweni olujwayelekile lwangonyaka odlule, leli qembu lanqoba eThekwini lishaya  i-ANC ne-DA. Iphinde yenzakahle komasipala abangaphansi kwesifunda sase-UMgungundlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *