ONGEZIWE NTONDINI
Iningi labantu abaphila ngoku khubazeka bakwaMhlabuyalingana baphila kanzima kodwa ibona okumele bathole uthando nokunakekelwa ngazo zonke izikhathi kanti uSphiwe Manzini uyazama ukuthi abatholele usizo abaludingayo abuye aqwashise nabahlali baku maspala woMkhanyakude ngokuthi kuphilwa kanjani nabantu abaphila nezinhlobo zokukhubazeka emakhaya abo.
Abahlali bakuMhlabuyalingana abakhubazekile babhekene nezingqinamba zokungakwazi ukuqeda isikole ikakhulu abahamba ngama wheelchair ngoba bafunda ezikoleni ezingenayo indlela yokuhamba i –wheelchair nasemakhaya kubanzima ukuphuma ikakhulu uma lina kanti abanenkinga yokungakwazi ukubona bathola izingqinamba zokungakwazi ukufunda kahle kuma bodi esikoleni uma kubhaliwe kanti nama question papers afika ebhalwe kancane lokho kubenze bangaqedi ukubhala ama-exams.
“Siyanxusa kuhulumeni ukuthi kubenama training centers amaningana abantu abakhubazekile khona bezokwazi ukuzivulela amabhizinisi abo noma bafundele uku lima nokufuya ngoba izinto eziningi esizitholi thina endaweni yase makhaya. Sifanelwe ithuba elingcono emnothweni wethu, silwela isithunzi sethu futhi sifanelwe ukuthula nothando. Sinelungelo lokuphila, ngicela niyekele ukusibulala” kusho uSphiwe Manzini
Ubuye waqinisekisa ukuthi umnyango we Department of Social Development DSD uyabalekelela ngemali yokugibela kwi organization eyasungulwa uyena ebizwa nge ‘Yithabantu Albinism Organisatio’ esiza ekuhambeleni izindawo zasemakhaya yenza I- awareness yokwazisa abantu ngokukhubazeka.
Kanti i-Organization iyacela uhulumeni abafake kuma budget abo ngoba abantu abakhubazekile abahlala ezindaweni zasemakhaya baningi imali abayitholayo ayizeneli izidingo zabo nanjengoba nemithi bengayitholi kalula ezibhedlela zahulumeni kuze kusize ukuyozithengela emakhemisi kodwa ebiza.
“Mina ngabanenhlahla yokuthola uthando ekhaya kanye nemithi eseqopheleni eliphezulu kubaba sazalwa siwu- 6 kwaba imina ngedwa ozalwe nebala elimhlophe, umama wangifundisa ukuthula noma sebengibiza ngama gama acwasayo endaweni.”
UManzini uyacela imindeni yonke ukuthi yeseke izingane zabo ezikhula nokukhubazeka ukuze zibenakho ukwezethemba kubelula nasezikoleni nase miphakathini bengacwaswa. Kanti ngomhla ka-13 June bazobe behlangene endaweni yakaMhlabuyalingana eManguzi kwi Theme ethi ; Skhemelele demanding our rights protect our skin and preserve our lives.

