Bantu bakithi ngiyanibingelela. Ngithi akengibuze ukuthi siyakuqaphela yini ukuthi izigebengu sihlala nazo emphakathini nasemakhaya ethu? Ezinye ziphiwa yithina umdlandla wokuntshontsha ngoba siyazithenga izinto ezidayiswa yizigebengu . Uyithenga kanjani ifoni ebizayo kumuntu umbona ukuthi akafanele ukubanalolohlobo lwefoni ? Angeke uthenge into ebiwe ungayiboni ukuthi yebiwe ngoba umuntu ongayizwelanga ubuhlungu into uyidayisa ngenani eliphansi noma inesisindo kwezohwebo .
Ake sisebenzisane nengalo yomthetho ukuvimba ubugebengu. Ingane yakho uma izonyamalala ebusuku kulalwa ibuye ekuseni iphethe izinto uthi izithathephi ? Kungani ungabizi abomthetho bafike bahlole ukuthi azebiwe yini lezozinto ? Mphakathi wakithi asikho isigebengu esingahlali emphakathini masisebenzisane nengalo yomthetho ukugwema ubugebengu. Uma ubona into esolisayo ngomuntu yibike ngokushesha emthethweni .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

