SHEILA MHLONGO
UPhiko lwe Youth Development Office ngaphansi kukaMasipala weTheku lwethule izinhlelo ezahlukene ezimayelana nokubungaza Inyanga Yentsha.Lezi zinhlelo zethulwe uMphathi Dolobha weTheku, uMnu. Musa Mbhele, ngesikhathi enomhlangano nabaphathi kanye nentsha, ngomhlaka -5 Juni 2025, eDurban City Hall.
Kulomhlangano obubandakanya abaPhathi abaphezulu beDolobha abayisithupha kanye nabebemele intsha abayisithupha okuyibo abebethula izinhlelo zokuthuthukisa intsha bachaze mayelana nalokho okuyohlonyulwa intsha.
USihlalo weKomidi Lezokuphatha kanye Nentuthuko Yabasebenzi, (Governance and Human Capital Committee) uKhansela uNkosenhle Madlala, uncome intsha ngokuphuma ngobuningi bayo ukuzothamela ukwethulwa kwenyanga yentsha nokuba nezingxoxo nabaphathi bakaMasipala ngezindaba ezibalulekile.
UMbhele wethule izibalo zakamuva zokuqashwa edolobheni.
“Idolobha lisanda kunikeza izinkampani eziphethwe yintsha izinkontileka ezilinganiselwa ku-R482 million. Ngaphezu kwalokho, cishe abantu abasha abangu-5 800 baqashwe uMasipala waseThekwini. Idolobha laseThekwini lidale imisebenzi engaba ngu-70 000 kunyaka wezimali owedlule, ngokubambisana nezinhlangano ezizimele kanye nohulumeni. Kulelo nani, abangu-44 000 bangabantu abasha.
“Sizoqhubeka nokuxhasa amaphrojekthi abalulekile siqinisekisa ukuthi intsha iyazuza. Sizoqhubeka nokuba negalelo elibonakalayo ekuthuthukisweni kwentsha,” kusho uMbhele.
UNokuthula Hlophe weHhovisi Lwentuthuko Yentsha uthe bafuna ukuthola iziphakamiso zentsha mayelana namaphrojekthi efuna ukuwabona enzeka.
Izinhlelo ezihlelwe kule nyanga zifaka phakathi amaphrojekthi okuhlobisa izikole, imidlalo yokuzijabulisa, kanye neminye imicimbi ehlukahlukene ezokwaziswa maduze.
Ezinye zezinkinga eziphakanyiswe intsha zifaka phakathi ukungasebenzi, ukuntuleka kokuqeqeshwa ngamakhono, kanye namathuba amancane okuthola amathuba omsebenzi.
UThabani Zikalala uthe: “Intsha emnyama eningi ayisebenzi. Imisebenzi yokuthengwa kwezimpahla kufanele izuzwe intsha. Sidinga nokuthi izinhlelo zentuthuko ziqhubeke ngokufakwa kwentsha emisebenzini ngemuva kokuqeqeshwa,” kusho uZikalala.
Umsakazi uLondi Dee, obephakathi kwephaneli, ubuze ukuthi ingabe idolobha linazo izinhlelo zabantu abasha abasebenza kwezokuxhumana. “Lezo zinhlelo kufanele zixhase abantu, ikakhulukazi uma bengasebenzi,” kusho yena.
Izikhulu zikaMasipala zethembise ukubheka konke lokho okuphakanyiswe yintsha.


