SHEILA MHLONGO
Ubungcweti, ubuqotho kanye nokuzibophezela kube seqhulwini emhlanganweni we-Supervisory Development Summit kaMasipala weTheku, obekuhloswe ngawo ukuvala igebe elikhona kuphinde kuqiniswe umsebenzi wokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi. Ukusingathwa kwalengqungquthela kube igxathu elibalulekile ukuze kucijwe abaphathi beminyango ehlukene ngolwazi oluzokwenza ukuthi baqhube kahle umsebenzi wabo wokuhambisa izidingo zomphakathi.
Kulengqungquthele bekuhlangene izikhulu eziphezulu, abaphathi beminyango ehlukene abebevela kuMasipala ngenhloso yokubheka izingqinamba ezijulile zokungasebenzi kahle nokubheka isu elisha lokuzibophezela, ukubambisana, kanye nokuziphucula okuqhubekayo.
UMphathi weDolobha laseThekwini, uMnu. Musa Mbhele, uthe lengqungquthela ibalulekile ekuhlonzeni nasekulungiseni izimo ezingase zibambezele ukusebenza kohlelo, oluthinta ngqo ukuhanjiswa kwezidingo.
“Imiphakathi yethu ifanelwe ubuhle kuphela. Lengqungquthela ayikhulumi nje kuphela, kodwa iyimbizo yokuthi kusetshenzwe,” kusho yena.
UMbhele uthe umhlangano uhlose ukuqinisekisa ukuthi abaphathi bahlonyiswa ngekhono lokuhola ngenhloso, basebenze ngobuqotho, futhi bakhe isiko lapho imiphumela ibalulekile.
“Ukuqina kwanoma iyiphi inhlangano kusekubantwini abenza iphupho lenhlangano liphile. Kanti eqhulwini lwaleyo mizamo kukhona abaphathi bethu abasebenza eduze nabantu, okuyibona abangamabhuloho phakathi kwecebo nenselelo, phakathi nenqubomgomo nokusetshenziswa kwayo,” Kweleka uMbhele.
Ingqungquthela ibuye yahlanganisa abaholi abanamava , kwezepolitiki , ababelane ngolwazi olubalulekile ukuze banikeze abaphathi beminyango amathuluzi okuhola ngokuqonda, nokuzibophezela emsebenzini wabo.
USihlalo wekomidi Lezokuphathwa Kwabasebenzi, uKhansela uNkosenhle Madlala, uncome lolu hlelo, ebeka inselelo, izivivinyo kanye nobunzima uMasipala waseThekwini abhekene nabo ikakhulu emkhakheni wokuhanjiswa kwezidingo kanye nokuphathwa kahle.
UKhansela Madlala uphinde wathi uma ukuphathwa kwabasebenzi abasezingeni eliphakathi okuyinjini, inhliziyo nomphefumulo wenhlangano kunganakwa, ngeke sifeze noma iyiphi imigomo yesu yenhlangano.
Izihambeli zengqungquthela zikhunjuzwe ukuthi izinga eliphezulu lenhlangano likhona kuphela lapho kuqhutshwa ngokwezimiso zeBatho Pele okuyisisekelo esibeka abantu kuqala ekuqhutshweni kwemisebenzi yomphakathi
Ingqungquthela iqinisekise ukuthi ubuhle bokusebenza kwenhlangano kuyafezeka kuphela uma wonke umsebenzi, kusukela ezingeni eliphezulu kuya kwabaphambili, liholwa wumgomo ofanayo wokusebenza ngokuzimisela, ubuqotho, kanye nokubeka abantu kuqala ekuhanjisweni kwezidingo.

