SHEILA MHLONGO
Bebezubuza bezipherndula abalaleli ukuthi kazi ubani ozovala isikhala siselomo ebesiqhuba loluhlelo noTshath’ugodo umfokaNgobe. Kube ubuphayiphayi benjabulo abalaleli bejabulela ukuthi uMshazi Kanozishada kamaqhoboza.
Baphawule kanje “Hawu siyabonga ngosthandwa okhozini,kuzoba mnandi, Silindele lukhulu kule-2 enekhono lokusakaza, Uswidi wodwa loyo Mamshazi wethu uthando lunye, Sengizolulalela ke ukhozi, Halala Noshada kaMaqhoboza Mshazi.”
U-Selly beyonce wafika ngomfutho OKhozini FM esakaza uhlelo oluthi Umnyakazo Top 20 okwamenza wakhushulelwa kolwasemini olwaluthi Ndiza Nathi 12-3 wagcina kolwantambama olunabalandeli abaningi, iWoza Nabangani Bakho.
USthandwa ovame ukuzibiza ngoNozishada kaMaqhoboza ukhonjwa ohlelweni lwantambama kuKhozi FM usanda kukhuza ibuya njengoba wanyiwa isikimu eminyakeni edlule wase egxila ekulingiseni. Lentokazi yaseNanda njengamanje isakaza uhlelo iChillas njalo ngoMgqibelo ebusuku. Ekulingiseni usekhona njengoba ebonakala kumdlalo waku-SABC 1: Amalanga Awafani ongena ngokugamanxa kwehora lesithupha (18:30) kushilwa.
Yize i-SABC ingatholakalanga ukuphawula, kodwa kulindeleke kumenyezelwe lezinguquko ezimfishane e-SABC maduze.

