SHEILA MHLONGO
I-Mashoba Fashion Design ngangivele ngifisa ukusungula isikhungo esincane sokuthuthukisa intsha ekhonweni lokuthunga okunye ngicela ningalenzi iphutha nihlanganyele kanye nathu emcimbini ozoba seMelmoth Town Hall lapho okuyofezeka khona amaphupho ami emihla ngemihla okuqhakambisa intsha ngenyanga yabo.
Siyovala inyanga yentsha ne Mashoba Academy. Sihlele lomcimbi ngenhloso yokuvala kahle inyanga yentsha njengoba sisebenzisana nayo siyifundisa ukuthunga ukuze izokwazi ukuzimela nayo. Ngalokho ngicela abantu bephume ngobuningi babo bezohlanganyela nathi kwindumezulu yomcimbi bazi bonele ngawabo amehlo konke okuyobe kwenzeka.
Lomcimbi uzobe umhlaka-28 June ngoMgqibelo eTown Hall kusukela ekuseni kuze kuyoba ntambama kanti abaphathi bohlelo kuzobe kungu Miss Zimbili kanye noMORRIS KB. Abazobe benandisa yilaba: Snconconco, Top Dancers, Mqoqeni nabanye abaningi abangathanda ukuxhasa noma ukuba ingxenye yomcimbi bengaxhumana noMrs Khumalo WhatsApp/ Call: 071 266 7138 naku Facebook: Mashoba Khumalo.

