ISibaya Community Trust sixhase Umzinyathi Primary School

ZAMA MAJOLA
NgoLwesihlanu lo mhlaka-1 ku-Agasti ithimba le-Sibaya Community Trust lihambisana noNkosikazi kaSihlalo wabo uSorisha Naidoo owaziwa kakhulu ohlelweni i-Real Housewives of Durban, bahambele Umzinyathi Primary School lapho bekumbulwa khona amagumbi amabili okufundela. Lama gumbi abe uxhaso olusuka kuyo i-Sibaya Community Trust. Lesi sikole besinamagumbi awu-10, emva koxhaso ababe sebeluthola abe esebawu-12. “Sikhethe ukuxhasa isikole samabanga aphansi uMzinyathi ngoba bekufanele, ukubona izithombe zezingane zihleli nga-3 edesikhini ngalinye kwaba buhlungu kakhulu sabe sesinquma ukuthi asifake imali yethu lapha, asibatholele amakilasi amabili ngokushesha,”kukhuluma uNksz Sorisha Naidoo. 
Ngokusho kukaThisanhloko wakulesi sikole uMnu. Mthembu, ukudlulisile ukuthi sekunesi9khathi efaka isicelo soxhaso kuleli thimba ngesizathu sokuthi abafundi bakhe bebengasakhoni ukufunda kahle ngenxa yenani labo ebelilikhulu egumbini ngalinye.  “Kwithimba le-Sibaya Community Trust kanye noVivian Reddy uSihlalo ongaphumelelanga ukufika namhlanje ngiyabonga kakhulu ngemisenzele khona.”kusho uMnu. Mthembu.  
Lo thishanhloko wafika ngo-2022 kulesi sikole,  abafundi bengu-375 kodwa namhlanje kulo nyaka ka-2025 sebewu-605. Lokho kuqhakambisa ngokusobala iqhaza elidlalwa uMnu. Mthembu kulesi sikole. Uthathe lesi sikole wasibeka phezulu wenza isiqiniseko sokuthi izinto zihamba ngendlela nokuthi obekungalungile kulungile.
SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *