WONDER NGCOBO
Kuphazamiseke ukufunda nokufundisa abafundi nothisha baqhuqhwa amakhaza ngaphandle ngoLwesithathu lo mhlaka 6 ku-Agasti eSibongimfundo High School eMthwalume, ngenkathi idlanzana labazali ebelidinwe ligane unwabu livala thaqa amasango esikole. Laba bazali babefuna ngoshova umhloli ukuthi ezifikele mathupha ezolalela izikhalazo zabo . Bakhala ngokuthi lesi skole siphathwa njenge-spaza shop, isimo saso asigculisi njengoba kunenqwaba yamawindi angenama-glass neminyango engenazicabha, abafundi abaphephile njengoba kunezigameko zokuhlaselwa kwabo, nodaba lothisha abasebenzisa ulwimi oluqosheme kubafundi okuthiwa bathuka izingane bezibhanqe nabazali kanye nokungahambi kahle kwemihlangano ye-SGB okubikwa ukuthi nayo idonswa nguthishanhloko ngekhala.
Nokho bazwakalile abazali ngoba umhloli ube esefika wacela ukuxoxisana nabo, kube sekuba nomhlangano ngaphakathi esikoleni. Kulo mhlangano bekukhona umhloli uBhekamandosi Cele, uMazinya, ithimba lakwa SAPS, u Disaster kanye nothishanhloko uMnu. Gumede. Okuvelile kulo mhlangano ukuthi kusekuningi okusamele uMnyango WezeMfundo ukwenze ukuze kulunge isimo salesi sikole. Lesi sikole sinomlando omuhle kakhulu lapho sasithola khona o100% sisengaphansi kukathishanhloko uMrs Zuma, saze savakashelwa uMrs DE Klerk owayeyi-white lady ngezikhathi zobandlululo. Njengesifiso sabazali umhloli wethembisile ukusilungisa isimo wathi kuzophinde kube nomhlangano emva kwesikhashana ukubheka inqubekela phambili.

