SBU MAMBA
Ukungenzi kahle kwaMabhakabhaka i-Orlando Pirates sekucasule kakhulu abanye babalandeli be Orlando Pirates ,iningi lithi limfuna ehambile lomqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou, abalandeli bakhala ngokuthi lomqeqeshi uvele washintsha sonke isikimu ebesiwina ngesizini edlule bathi abamsamdingi, u-Ouaddou odabuka eMorroco uthathe izintambo kumqeqeshi wase Spain uJose Reviero, uReviero unqobe izicoco ezinhlanu kumasizini amathathu ku Pirates.
Kodwa idlale kahle kakhulu iPirates emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala weMTN 8, umqeqeshi we Pirates u-Ouaddou uncome izitobha zakhe uMbekezeli “TLB” Mbokazi no Seema kanye no Kamogelo Sebelebele abadlale kahle ngesiwombe sokuqala , lensizwa edabuka eMorocco iphinde yancoma abagadli bayo abangene ngesiwombe sesibili kwashitsha ukudla epletini, iSundowns igadle kuqala ngegoli lika Tebogo Mokoena kodwa ukungena kuka Sipho Mbule, Oshwin Appollis noRadiopane ngesiwombe sesibili kuyisize kakhulu iPirates yagcina ithole igoli lokulinganisa umdlalo waphela ngegoli elilodwa ngapha negoli elilodwa ngale 1-1.
UMagebhula i-Orlando Pirates elinye lamaqembu amakhulu ebholeni laseNingizimu Africa kanti futhi liyahlonishwa nasebholeni lase Africa ku CAF Champions League naku-CAF Confederation Cup ingakho abalandeli bedinwe bagana unwabu iqembu labo lishaywa kabili kulandelana lilahla amaphuzu ayisithupha, amaphuzu amathathu abaluleke kabi uma iqembu lifuna ukunqoba isicoco seligi.
Beziqinile ezokuphepha emdlalweni we Pirates ne Sundowns emlenzeni wokuqala obuse Orlando Stadium umqeqeshi wePirates u-Ouaddou osefana neqaqa kubalandeli bezikaMagebhula kulandela ukushaywa iSekhukhune United neMarumo Gallants ubonakale egadwe abaqaphi abayisithupha, kukhona abalandeli abethembise ukuthi bazomshaya ngamabhodlela uma ehlulwa yiSundowns.

