SHEILA MHLONGO
Sekuzofika emaphethelweni ukuvotelwa kwamaCiko emncintiswaneni weKZN Namuhla Artists Awards 2025, njengoba ngeSonto lomhlaka-31 Agasti phakathi namabili kuyobe sekuphela amaphupho kuvalwa ngci ukuvota.
UMhleli wephephandaba uNksz. Sheila Mhlongo uthi uthanda ukubonga wonke amaCiko ngomsebenzi wawo omuhle wokubambisana naleliphephandaba, waphinde wabonga ngisho nabo abalandeli abenze umsebenzi oncomekayo wokuvotela amaCiko abo.
UMhleli uzwakalise ukuthi kumjabulise kakhulu ukubona amanye amaCiko ezimisela ngokukhankasela ukuvotela abalandeli bawo, ngempumelelo, waphinde wathi uyethemba ukuthi abakwenze kulonyaka basayophinde bakwenze nangonyaka ozayo.
Khona manjalo uMhleli uzwakalise ukuthi usuku lomcimbi wokuklonyeliswa kwamaCiko nalo seluseduze kakhulu njengoba uyobe ungoMgqibelo womhlaka 06 September, eBat Centre, Habour eThekwini. AmaCiko ayakhuthazwa ukuthi ameme abalandeli ukuthi bahlanganyele kanye nawo emcimbini wokuklonyeliswa kwawo. Kanti imali yokungena uR150 VIP kanti R100 General emnyango.
UMhleli wephephandaba uzwakalise ukuthi kulomcimbi wokuklonyeliwa kwamaCiko wonke Amaciko avotelwe kakhulu azozibeka ethubeni lokuthola umklomelo ozokwenza kube lula ukuzobungaza kanye nathi emcimbini ngoba baklonyeliswa ngaphambi kokuthi bafike emcimbi nokubukeke kusebenza kahle nabo kubasiza ekubhekaneni nezindleko zokusuka ezindaweni abakuzo beze eDolobheni iTheku nokuwumcimbi okubukeka wakha umnotho nakosomabhizinisi baseThekwini ngoba akahona amaciko agibela ama-Flight from Cape Town amanye ayabhukha aizindawo zokulala okuyinto encomekayo.
Ukwazi kabanzi mayelana nemininigwane yomcimbi weKZN Namuhla Artists Awards ungafonela enombolweni yasehhovisi:069 349 4717 acele uSbu noma uThobile kanti angashiya umyalezo enombolweni kaWhatsApp: 079 467 9297 .

