ZAMA MAJOLA
Angene enkingeni amaphoyisa aKwaZulu-Natal abonakale ephelezela umfundi ka-matric eya emcimbini wokumvalelisa esebenzisa imoto yombuso. UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ufuna athathelwe izinyathelo amaphoyisa abesemsebenzini ngesikhathi kuqoshwa i-video efika emcimbini obuse-Estcourt.
Unxuse ukuthi basuswe okwesikhashana ekusebenzeni, kuze kube uphenyo lwangaphakathi mayelana nokuziphatha kwabo luyaphela. Kuthiwa bebethutha ingane yozakwabo. “Sengiyalele uKhomishana wesifunda sasoThukela ukuthi aqinisekise ukuthi umkhuzi wamaphoyisa athintekayo uyawathathela izinyathelo eziphuthumayo zokuqondiswa kwezigwegwe, ngeke sikwazi ukuthi sibe namaphoyisa asuke esebenza kodwa asebenzise izinsiza zombuso ukuze azuze wona,” kusho uMkhwanazi. Uphinde wayalela abaphathi babo bezezimali ukuthi babone ukuthi umbuso ulahlekelwe yimalini ngalokho okwenzekile obekungagunyaziwe, okubalwa kukho uphethiloli kahulumeni, isikhathi sombuso kanye nezindleko zokugijima kwalezo zimoto. Uphinde washo nokuthi imiphakathi ihlale ikhala ngokuthi uma ifonela iziteshi zamaphoyisa itshelwa ukuthi awekho amaveni, ekubeni amaphoyisa ethatha izinsiza zikahulumeni okuhloswe ngazo ukusiza imiphakathi ezisebenzise kulokhu okufunwa yiwo. Ube esegcizelela ukuthi impela kuzothathelwa izinyathelo okwenziwe ilamaphoyisa.

