BezingangoZulu eya emakheni izintombi eMkhosini woMhlanga ka-2025

ZAMA MAJOLA

Ube yimpumelelo uMkhosi woMhlanga ka-2025 obusingathwe okokuqala esigodlweni esisanda kwakhiwa EMashobeni oPhongolo, KwaZulu-Natali, kusukela ngoSepthemba 12-14. Lo mcimbi ubuhanjelwe yizinkulungwane zezintombi nezihambeli zaseBukhosini ezivela eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika. Bekukuhle kusinwa kushikilwa izintombi zizigqaja ngobuntombi bazo. Inkosi uMisuzulu kaZwelithini ibe isithola imihlanga ilethelwa izintombi, okukhombisa impumelelo yalo mcimbi.

Uhulumeni waKwaZulu-Natali uwuqhakambise njengoyimpumelelo futhi noyingxenye ebalulekile yokuthuthukisa ezokuvakasha namagugu esifundazwe lo mcimbi. UMnyango kanye nohulumeni wesifundazwe sonkana basebenzisa imicimbi yamasiko njengalona njengendlela yokufundisa intsha ngokuvuselelwa kwezimilo. Kuphinde kwabonakala nokwanda kosomabhizinisi abancane abahweba kulo mcimbi  ngale mpelasonto, okube sekutshengisa ukuthi lo mcimbi akuwona owokubungaza kuphela kodwa usiza nabantu baseNingizimu Afrika ukuthuthukisa amabhizinisi abo.

 Lokhu kukhombise ukuthi ukwenziwa koMkhosi Womhlanga kubalulekile kwezamabhizinisi, umphakathi kanye nesifundazwe sonkana. Uphiko lwezokuphepha obelusebenza kulo mcimbi ludlulise ukuthi kwenziwe konke okudingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izintombi ziphephile kusukela uqala umcimbi waze wayophela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *