Luyaqhubeka uhlelo lokukhuliswa  kwabantwana ababalelwa ku-100 endaweni yase Fort Amiel Musiem e-Newcastle

Uyaqhubeka umsebenzi wokwakhiwa kwabantwana abavela ezikoleni ezahlukene oluthatha izinsuku ezintathu lapho kwakhiwa khona ismilo sabantwana kanye nokugqugquzelwa kokuziphatha kahle empilweni. Loluhlelo beluholwa o TS abahlukene okubalwa u TS Mlambo, TS Cambridge, TS Wendy, TS Nqobile, TS Nomthi, TS phindy, TS Khanyo nabanye. Loluhlelo lube yimpumelelo enkulu njengoba luhlonishwe uDeputy Mayor wase Amajuba District – Hon Cllr Sithole kanye novela eNewcastle Religious Interfaith, Reach4Life abebekade bakha futhi begqugquzela abantwana.

“Umsebenzi wokwakhiwa kwabantwana uyaqhubeka ikakhulukazi njengoba silwisana nezidlava ezihlasele imiphakathi yakithi ikakhulukazi I Amajuba District” kusho  uMnu. Mlambo. Umfundisi Kunene ongusihlalo weZenkolo kumasipala wase Newcastle ophinde abe usekela sihlalo uthe njengobuholi bezenkolo obukhona buzoqiniseka ukweseka amaprograms alwisana nezidlava kulelidolobha ikakhulukazi njengoba kubayintsha futhi ehola netsha ngaphansi kwesigungu I Amajuba District Changemakers Youth Council.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *