IPhini likaMongameli likhuthaze ukuguqulwa kwezikhungo zamagugu

ZAMA MAJOLA

IPhini likaMengameli u-Paul Mashatile ugcizelele ukubaluleka kokuguqulwa kwezikhungo zamagugu zibe yizindawo ezinohlonze ezixhumanisa okwedlule nekusasa. Ekhuluma emgubhweni kazwelonke woSuku lwamaGugu obubanjelwe e-Oudtshoorn ngoLwesithathu lo mhlaka 24 Septhemba, ibamba likaMongameli ligcizelele ukubaluleka kokulondoloza ubunikazi bamasiko ngesikhathi esifanayo okuzodala amathuba entsheni kanye nokubhekana nezinselelo zomphakathi. 
 
“Amamnyuziyamu, amatshe esikhumbuzo kanye nezinye izindawo zamagugu kumele zibe yizindawo zokuxoxisana ngamasiko, ukubandakanywa kwabantu, izingxoxo ezizukulwaneni ngezizukulwane, amalabhorethri okusungula izinto kanye nama-incubator wamathuba abantu bakithi, ikakhulukazi intsha,” esho. Utshele abebehambele lo mhlangano obuseWestern Cape ukuthi izindawo zokugcina amagugu nezindawo zamasiko kumele zibe negalelo ekuxazululeni izinkinga ezifana nokuntuleka kwemisebenzi kanye nokuhlukana komphakathi. Ukholelwa ukuthi lokhu kungafezwa ngokunikeza imiphakathi amandla okuphonsela inselelo ukulandisa okuvelele, ukuhlinzeka ngezikhala ezivikelekile zezingxoxo kanye nokucabanga okujulile  kanye nokulondoloza nokuchaza kabusha imilando enganakiwe. Inkulumo eqavile, eyethulwe egameni likaMongameli Cyril Ramaphosa, ibigxile esiqubulweni salo nyaka esithi: “Cabanga Kabusha Izikhungo Zethu Zamagugu Esikhathi Esisha.”  Indikimba inselele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe umlando wabo ngenkathi besakha ikusasa eliguquguqukayo nelifaka wonke umuntu.   “Kuyikhwelo lokubheka imibono emisha yokuthi singawugcina kanjani futhi siwuveze umlando wethu endaweni ehlala ishintshashintsha emphakathini wethu.”
 
 Lokhu kubalulekile ngoba izikhungo zethu zamagugu zithuthukisa ubuntu, zikhuthaza ubumbano futhi zinikeza namathuba ezomnotho emikhakheni efana nezokungcebeleka nezobuciko.”  Ngaphezu kwalokho, ibamba likaMengameli linombono wokuthi izikhungo kufanele zibe ibhuloho phakathi kwesikhathi esedlule nesamanje, zivumele wonke umuntu ukuthi axhumane nezimpande zakhe futhi aqonde ukuthi uvelaphi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *