ZAMA MAJOLA
UMnyango wezeMfundo ePhakeme noQeqesho usuphinde wanxusa amanyuvesi ukuthi angagodli iziqu zabafundi ngenxa yemali engakhokhiwe.
IPhini likaNgqongqoshe, uNkk. Nomusa Dube-Ncube, litshele iPhalamende ukuthi abafundi abanezikweletu bakuthola kunzima ukuthola umsebenzi uma bebanjelwa izitifiketi zabo. Uthe umnyango uzwakalise ukukhathazeka kwawo kothishanhloko bamanyuvesi ezweni lonke, wengeza ngokuthi abafundi akumele bancishwe amathuba ngenxa yemali engakayikhokhi.
“Sike saba namanyuvesi lapho abafundi besakhononda ngalolu daba, ngicabanga ukuthi sekuzosala kithina ukuthi empeleni sijule sisho ukuthi yimaphi lawo angahambisani nalokhu abavumelene ngakho njengothishanhloko ukuthi kuthiwe abafundi mabanikwe iziqu zabo, izitatimende nezincwadi zabo.” Ukholelwa nokuthi lolu daba luyaxaka, njengoba abafundi ngeke kulindeleke ukuthi bakhokhe izikweletu zabo uma bengasebenzi noma bengakwazi ukufakazela ukuthi baqeqeshiwe.

