OwezokuThutha e-KZN wethula uhlelo lokuqasha amaPhoyisa omgwaqo

ZAMA MAJOLA

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usuqalile ukuqasha amaphoyisa omgwaqo njengengxenye yemizamo yawo yokwakha isifundazwe esiphephile nesiphumelelayo kuzo zonke izakhamizi nezizukulwane ezizayo. UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnu. Siboniso Duma, wethule uhlelo lokuqashwa kwabantu okuhloswe ngalo ukuqinisa iRoad Traffic Inspectorate (RTI) esifundazweni, oluchazwe njengophiko olusebenza ngokuzikhandla nolusebenza ngempumelelo.

 “Sibheke abantu baseNingizimu Afrika abaqotho, abasebenza kanzima nabafaneleka ukuba bajoyine ithimba lethu elisebenza kahle kakhulu nelizinikele elivela kwaRoad Traffic Inspectorate,” kusho uDuma.  Uthe uMnyango uhlela ukuqasha amaphoyisa omgwaqo angu-278, okuhlanganisa no-Control Provincial Inspector oyedwa, ama-Senior Provincial Inspectors angu-10, ama-Provincial Inspectors angu-67, nama-Trainee Provincial Inspectors angu-200.  Ngokusho kukaDuma, lolu hlelo luyingxenye yomkhankaso wesifundazwe weZero Tolerance – No Nonsense Alufakwa, okuhloswe ngawo ukugqugquzela isiko lokuziphatha ngendlela efanele emgwaqeni ngokuthi kubhekiswe kubashayeli abaphuza utshwala bebe besemgwaqeni.

UDuma ubalule ukuthi ukushayela budedengu kuseyinkinga enkulu njengoba abashayeli abangaphezu kuka-160 baboshwa ngo-Agasti kuphela ngokushayela bephuzile. Kulaba ababoshiwe kubalwa umshushisi omkhulu womphakathi, amaphoyisa amabili kanye nesikhulu sophiko lwezamajele nabanye.  “Kuyadumaza kakhulu ukuthi abasebenzi bakahulumeni abajutshwe ukuthi baqinisekise ukuthi umthetho uyasebenza futhi bayawugcina babanjwe bewephula,” kusho uDuma.

UNgqongqoshe uphinde wancoma izikhulu ze-RTI kanye nababambiqhaza ngokuqhubeka nokuqapha nokuzinikela kwabo ekuvikeleni izimpilo zezakhamizi ezingenacala, naphezu kwezinsiza ezilinganiselwe. “Ukuphepha kwabo bonke abasebenzisi bomgwaqo kuseza kuqala kithi.”

Izicelo zezikhundla zamaphoyisa omgwaqo zingalethwa ngesandla eMnyangweni wezokuThutha eNkosi Mhlabunzima Maphumulo House, 172 Burger Street, Pietermaritzburg, noma zithunyelwe nge-collection: Recruitment & Selection Section, Human Resource Administration Directorate, Private Bag X9043, Pietermaritzburg, 3200.  Abafake izicelo bayakhuthazwa futhi ukuthi bafake izicelo ku-inthanethi ngokusebenzisa uhlelo lwe-KZN e-Recruitment ku-www.kznonline.gov.za/kznjobs. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *